AmaHubo 105:1-45

AmaHubo 105:1-45 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Bongani uSimakade, nibize igama lakhe, izenzo zakhe nizazise phakathi kwabantu. Mhlabeleleleni, nimhubele, nikhulume ngazo zonke izimangaliso zakhe. Dumisani igama lakhe elingcwele, mazithokoze izinhliziyo zabafuna uSimakade. Mfuneni uSimakade namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalonjalo. Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezehlulelo zomlomo wakhe, nina bozalo luka-Abhrahama, inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe. Yena unguSimakade uNkulunkulu wethu, izehlulelo zakhe zisemhlabeni wonke. Kuyoze kube phakade esikhumbula isivumelwano sakhe, izwi ayala ngalo izizukulwane ngezizukulwane, avumelana ngaso no-Abhrahama, nesifungo asenza ku-Isaka, wasiqinisa kuJakobe, saba ngumthetho naku-Israyeli saba yisivumelwano esiphakade. Wathi: “Ngizokunika iKhanani, libe yisabelo sefa lakho.” Ngaleso sikhathi babeyingcosana ngenani, yebo, babeseyingcosana, futhi babengabafokazi kulo. Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu. Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo, ethi: “Ningabathinti abagcotshiweyo bami, ningabalimazi abaphrofethi bami.” Lapho ethumela indlala ezweni, kwavaleka umthombo wokudla. Wathumela indoda, yabendulela, uJosefa owathengiswa waba yisigqila, balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi. Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaSimakade lamhola. Inkosi yathumela, yamkhulula, umbusi wabantu wamdedela. Wamenza umphathi wendlu yakhe, nenduna yezinto zakhe zonke, ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe, afundise amalunga akhe ukuhlakanipha. U-Israyeli wayesefika eGibhithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu. USimakade wabenza banda kakhulu abantu bakhe, wabenza baba namandla kunezitha zabo. Wayiguqula inhliziyo yabantu baseGibhithe, babazonda abantu bakhe, baziphatha ngobuqili izinceku zakhe. Wathumela uMose inceku yakhe, no-Aroni ayemkhethile. Benza izibonakaliso nezimangaliso zakhe phakathi kwabo, ezweni likaHamu. Wabehlisela ngobumnyama, kwaba mnyama ezweni, kepha baphambana namazwi akhe. Waphendula amanzi abo aba yigazi, wabhubhisa izinhlanzi zabo. Izwe labo lagcwala amasele nasezindlini zamakhosi abo. Wakhuluma, kwavela izibawu nomiyane emingceleni yabo yonke. Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni lakubo. Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo, waphula imithi yasezweni labo. Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa. Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo, zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo. Washaya namazibulo wonke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo. Abantu bakhe wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo. IGibhithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela. Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokubakhanyisela ebusuku. Bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini. Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza ogwadule kwangathi ngumfula. USimakade walikhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abhrahama, inceku yakhe. Wayesebakhipha abantu bakhe bethokozile, abakhethiweyo bakhe bahuba ngokwethaba. Wabapha amazwe abezizwe, badla umcebo wabezizwe, ukuze baqaphele ukugcina izimiso zakhe nemithetho yakhe. Haleluya!

AmaHubo 105:1-45 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Bongani uJehova, nibize igama lakhe, nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe. Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke. Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabamfunayo uJehova. Funani uJehova namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalo. Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezahlulelo zomlomo wakhe, nina nzalo ka-Abrahama inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe. Yena unguJehova uNkulunkulu wethu; izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke. Ukhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane, avumelana kuso no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka; wasiqinisa kuJakobe, saba ngumthetho, naku-Israyeli, saba yisivumelwano esiphakade, ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani libe yisabelo sefa lakho,” lapho babe yingcosana ngomumo, yebo, lapho babe yingcosana, futhi babe yizihambi kulo. Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu. Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo, ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami, ningoni abaprofethi bami.” Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa. Wathuma indoda phambi kwabo: uJosefa wathengiswa abe yisigqila. Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi. Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaJehova lamhola. Inkosi yathuma yamthukulula, umbusi wabantu wamkhulula. Wamenza umphathi wendlu yakhe nenduna yezinto zakhe zonke, ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe, afundise amalunga akhe ukuhlakanipha. U-Israyeli wayesefika eGibithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu. Wandisa kakhulu abantu bakhe; wabenza babe namandla kunezitha zabo. Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe, baphathe izinceku zakhe ngobuqili. Wathuma uMose inceku yakhe, u-Aroni abemkhethile. Benza phakathi kwabo izibonakaliso zakhe nezimangaliso ezweni likaHamu. Wathuma ubumnyama, wenza kwaba mnyama, kepha baphambana namazwi akhe. Waphendula amanzi abo aba yigazi; wabhubhisa izinhlanzi zabo. Izwe labo lagcwala amasele nasezindlini zamakhosi abo. Wakhuluma, kwavela izibawu nezinsensane eminceleni yabo yonke. Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni labo. Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo; waphula imithi yasezweni labo. Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa. Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo, zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo. Washaya namazibulo onke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo. Wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo. IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela. Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokukhanyisa ebusuku. Bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini. Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza emahlane njengomfula. Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abrahama inceku yakhe. Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula, abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza. Wabapha amazwe abezizwe, badla isithelo somsebenzi wabantu ukuba baqaphele izimiso zakhe, bagcine imithetho yakhe. Haleluya!

AmaHubo 105:1-45 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Dumisani uJehova; nibize igama lakhe, nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe. Hlabelelani udumo lwakhe, nihubele inkazimulo yakhe; landisani zonke izimangaliso zakhe. Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mayijabule inhliziyo yabafuna uJehova. Funani uJehova namandla akhe; funani ubuso bakhe njalo. Cabanga ngezimangaliso zakhe azenzayo; izimangaliso zakhe nezahlulelo zomlomo wakhe; Nina nzalo ka-Abrahama inceku yakhe, bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe! UnguJehova uNkulunkulu wethu; izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke. Wasikhumbula isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo ezizukulwaneni eziyinkulungwane. Isiphi isivumelwano asenza loAbrahama lesifungo sakhe kuIsaka; wakuqinisa kuJakobe njengomthetho naku-Israyeli njengesivumelwano esiphakade. Wathi: Ngizalinika ilizwe leKhanani, libe yisabelo selifa lenu; Lapho besengamadoda ambalwa nje ngenani; yebo, bambalwa kakhulu, futhi abangabazi kulokho. Bahamba besuka kwesinye isizwe besiya kwesinye, besuka komunye umbuso besiya kwabanye abantu; Akavumelanga muntu ukuba abaphathe kabi; yebo, wawakhuza amakhosi ngenxa yawo; wathi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami, ningoni abaprofethi bami.” Ngaphezu kwalokho, wabiza indlala phezu kwezwe; waluhlephula lonke udondolo lwesinkwa. Wathuma indoda phambi kwabo, uJosefa, owathengiswa abe yisigqila. Bazilimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, wafakwa ensimbi. Laze lafika izwi lakhe, izwi likaJehova lamvivinya. Inkosi yathumela yamkhulula; umbusi wabantu, amkhulule. Wammisa ukuba abe yinkosi phezu kwendlu yakhe nombusi phezu kwakho konke anakho. Ukubopha izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe; futhi afundise abaphathi bakhe ukuhlakanipha. U-Israyeli wafika eGibithe; uJakobe wagogobala ezweni likaHamu. Wabandisa kakhulu abantu bakhe; wabenza baba namandla kunezitha zabo. Waguqula izinhliziyo zabo ukuba bazonde abantu bakhe, baziphathe ngobuqili izinceku zakhe. Wathuma inceku yakhe uMose; no-Aroni amkhethayo. Benza phakathi kwabo izibonakaliso nezimangaliso zakhe ezweni likaHamu. Wathuma ubumnyama, kwaba mnyama; futhi abahlubukanga ezwini lakhe. Waphendula amanzi abo aba ligazi, wabulala izinhlanzi zabo. Izwe labo lazala amasele ngobuningi emakamelweni amakhosi abo. Wakhuluma, kwafika izibawu nezintwala kuzo zonke izifunda zabo. Wabapha isichotho esikhundleni semvula, nomlilo ovuthayo ezweni labo. Washaya nezivini zabo nemikhiwane yabo; futhi ugawule imithi yemingcele yabo. Wakhuluma, kwafika isikhonyane, nezinkumbi, nalezi ezingenakubalwa; zadla yonke imifino ezweni labo, zadla izithelo zomhlabathi wabo. Wanqoba wonke amazibulo ezweni labo, ababusi bamandla abo onke. Wabakhipha nesiliva negolide, kungekho noyedwa obuthakathaka ezizweni zabo. IGibhithe lathokoza ekuphumeni kwabo, ngoba ukwesaba kwabo kwabehlela. Wendlala ifu njengesembozo; nomlilo wokukhanyisa ebusuku. Abantu bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini. Wavula idwala, kwaphuma amanzi; bahamba ezindaweni ezomile njengomfula. Ngokuba wacabanga ngesithembiso sakhe esingcwele nango-Abrahama inceku yakhe. Wabahola abantu bakhe ngokuthokoza, nabakhethiweyo bakhe ngentokozo. Babanika amazwe ezizwe, badla ifa lokukhandleka kwabantu; ukuze bagcine izimiso zakhe, bagcine imithetho yakhe. Dumisani uJehova.

AmaHubo 105:1-45

AmaHubo 105:1-45 ZUL59AmaHubo 105:1-45 ZUL59