AmaHubo 104:1-35
AmaHubo 104:1-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Simakade Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi, wembethe ukukhanya njengengubo, weneka izulu njengendwangu. Ubeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, wenza amafu abe yinqola yakhe, uhamba ngamaphiko omoya, wenza umoya ube yizithunywa zakhe, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo. Umhlaba uwumise phezu kwezisekelo zawo, ukuze unganyakaziswa kuze kube phakade naphakade. Wawumboza ngolwandle njengengubo, amanzi ema phezu kwezintaba. Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka. Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona. Uwamisele umngcele ukuba angaweqi, angabuyi ukuzosibekela umhlaba. Uthumela imithombo ezigodini, yona igijima phakathi kwezintaba. Iphuzisa izilwane zonke zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo. Izinyoni zezulu zakhe ngakuyo, zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha. Uchelela izintaba ngokuvela emakamelweni akhe aphezulu, umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho. Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze athole ukudla okuvela emhlabeni, newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu. Imithi kaSimakade iyasuthisa, imisedari eLebhanoni ayitshalileyo, kwakhela kuyo izinyoni, unogolantethe unesidleke kuyo imisayiphuresi. Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle, amawa ayisiphephelo sezimbila. Wenza inyanga ukuba ibe ngeyokwehlukanisa izinkathi, ilanga liyazi ukuthi lishona nini. Ubumnyama wenza ukuba bube wubusuku, phakathi kwabo izilo zonke zasehlathini ziyaphuma. Amabhongo amabhubesi agwavumele inyamazane, efuna ukudla kwawo kuNkulunkulu. Kuthi ngokuphuma kwelanga abuyele phansi emiphandwini yawo, alale. Kube sekuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasemshikashikeni wakhe, kuze kuhlwe. Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho. Bheka nje ulwandle, lukhulu, lubanzi, kulo kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu. Kulo kuntweza imikhumbi, inkanyamba yasolwandle oyidalileyo idlala kulo. Zonke lezi zidalwa zibheke Wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esifaneleyo. Uyazinika ukudla, zikubuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle. Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo. Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba. Inkamulo kaSimakade mayime kuze kube phakade; uSimakade makathokoze ngemisebenzi yakhe, Yena obheka umhlaba, maqede uthuthumele, athinte izintaba, zithunqe. Ngizomhubela uSimakade, inqobo nje uma ngisaphila. Ngizohlabelelela uNkulunkulu wami ngisekhona. Kwangathi izizindlo zami zingamthokozisa, ngokuba ukuthokoza kwami kukuSimakade. Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba bikho zikhohlakali.
AmaHubo 104:1-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi; ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu; obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya; owenza izingelosi zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo. Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade. Wawumboza ngolwandle njengengubo; amanzi ema phezu kwezintaba. Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka. Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona. Umisile umncele ukuba angaweqi, angabuyi ukusibekela umhlaba. Uthumela imithombo ezigodini; yona igijima phakathi kwezintaba. Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo. Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo, zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha. Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe; umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho. Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze aveze ukudla emhlabeni, newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu. Iyasutha imithi kaJehova, imisedari* yaseLebanoni ayitshalileyo, okwakhele kuyo izinyoni; ugolantethe unendlu yakhe kuyo imisayipuresi.* Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle; amawa ayisiphephelo sezimbila. Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi; ilanga liyazi ukushona kwalo. Wenza ubumnyama kube ngubusuku; phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini. Izingonyama ezintsha zibhongela impango, zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu. Liphuma ilanga, bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo. Bese kuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe. Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho. Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu. Kuhamba khona imikhumbi, uLeviyathani* lowo omenzile ukuba adlale kulo. Zonke lezi zidalwa zibheka wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso. Uyazinika ukudla, zibuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle. Uyasitheza ubuso bakho, zethuke; uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo. Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba. Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade; uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe, yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe. Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami; ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona. Ukuzindla kwami makube mnandi kuye; mina mangithokoze kuJehova. Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi.
AmaHubo 104:1-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu kakhulu; wembethe udumo nobukhosi. Okusibekela ngokukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu; obeka phansi imishayo yamakamelo akhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba phezu kwamaphiko omoya; owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya; izinceku zakhe umlilo ovutha amalangabi. Owabeka izisekelo zomhlaba, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade. Walimboza ngesikhukhula samanzi njengesambatho; amanzi ema phezu kwezintaba. Ngaphambi kokusola kwakho abaleka; ngezwi lokuduma kwakho zashesha zasuka. Bakhuphukela ezintabeni; behlela ezigodini endaweni obalungisele yona. Umisile umngcele ukuba bangaweli; hlezi baphenduke bagubuzele umhlaba. Uthuma imithombo ezigodini ezigeleza phakathi kwamagquma. Ziphuzisa zonke izilwane zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo. Izinyoni zezulu ziyakuhlala kuzo, zihlabelele phakathi kwamagatsha. Unisela izintaba emakamelweni akhe; umhlaba uyasutha ngesithelo semisebenzi yakho. Uhlumisela izinkomo utshani, nezitshalo zokusebenzela umuntu, ukuze kuphume ukudla emhlabeni; newayini elithokozisa inhliziyo yomuntu, namafutha okwenza ubuso bakhe bukhanye, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu. Izihlahla zikaJehova zigcwele ijusi; imisedari yaseLebanoni ayitshalayo; Lapho izinyoni zakha khona izidleke zazo, nonogolantethe, imisayipuresi iyikhaya lakhe. Amagquma aphakeme ayisiphephelo sezinyamazane; namadwala ngamacone. Wamisa inyanga ngezinkathi; ilanga liyakwazi ukushona kwalo. Wenza ubumnyama, kube sebusuku, lapho kukhasa khona zonke izilwane zasendle. Amabhongo ezingonyama abhongela impango yawo, afuna ukudla kwawo kuNkulunkulu. Ilanga liyaphuma, ziyabuthana, zilale emigodini yazo. Umuntu uyaphuma aye emsebenzini wakhe nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe. O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! zonke wazenza ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele ingcebo yakho. Lunjalo lolu lwandle olukhulu nolubanzi, okukhona kulo izilwane ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, ezincane nezinkulu. Lapho kuhamba imikhumbi; kukhona uLeviyathani owamenza ukuba adlale kulo. Bonke balindele wena; ukuthi ungabapha ukudla ngesikhathi esifanele. Lokho obanika khona, bayakubutha; Uyavula isandla sakho, zigcwele izinto ezinhle. Uyasitheza ubuso bakho, bayathuthumela; Uyawususa umoya wazo, ziyafa, zibuyele othulini lwazo. Uyathuma uMoya wakho, zidalwe, wenze bube busha ubuso bomhlaba. Inkazimulo kaJehova iyakuma kuze kube phakade; uJehova uyakuthokoza ngemisebenzi yakhe. Uyawubheka umhlaba, uthuthumele; Uthinta amagquma, ashunqe. Ngithanda ukuhlabelela inkazimulo kaJehova zonke izinsuku zami; Ukuzindla kwami kuye makube mnandi; ngiyakuthokoza ngoJehova. Izoni maziqedwe emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Dumisani uJehova.