IzAga 9:1-18
IzAga 9:1-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ukuhlakanipha sekwakhe indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa. Kuhlabe umhlatshelo, kwavubela iwayini lakho, kwadeka netafula lakho. Kuthume izintombi zakho, kuyamemeza emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi: “Ongenalwazi makaphambukele lapha;” nakulowo ongenangqondo, kuthi kuye: “Wozani nidle isinkwa sami, niphuze iwayini engilivubeleyo. Shiyani izinto zobuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda. “Osola isedeleli uzibangela ukwethukwa, nothethisa isikhohlakali uziholela ukulimala. Ungasithethisi isedeleli, funa sikuzonde; sola ohlakaniphileyo, uyakukuthanda. Yala ohlakaniphileyo, uzohlakanipha kakhulu; ufundise olungileyo, uzothuthuka ngokuqonda. “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uSimakade, nokumazi oNgcwele kungukuqonda. Izinsuku zakho ziyokwanda ngami, kwenezelwe neminyaka yokuphila kwakho. Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma wedelela, uyakukuthwala wena wedwa.” Owesifazane oyisiwula unomsindo, uyisiwula, akazi lutho. Uhlala ngasemnyango wendlu yakhe, esihlalweni esisendaweni ephakemeyo yomuzi, ukuze ameme abedlula ngendlela, abaqondile emikhondweni yabo, athi: “Ongenalwazi makaphambukele ngapha;” kulowo ongenangqondo, uthi kuye: “Amanzi okwebiwa amnandi, nesinkwa esidlelwa esithe siyenamisa.” Kepha ophambukayo akazi ukuthi kukhona izithunzi lapho, nokuthi izimenywa zakhe zisendleleni eya kwelabafileyo.
IzAga 9:1-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa. Kuhlabile umhlatshelo, kuvubele iwayini lakho; futhi kulungisile itafula lakho. Kuthumile izintombi zakho, kuyamema emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi: “Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo kuthi: “Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo. Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda. “Osola isideleli uzithathela inhlamba; othethisa omubi uzitholela isisihla. Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde; thethisa isihlakaniphi, siyakukuthanda. Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha; fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni. “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova, nokumazi oNgcwele kungukuqonda. Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe. Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma udelela, uyakukuthwala wena wedwa.” Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo, ongazi lutho. Uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe esihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi ukuba ameme abadlula endleleni, abaqonda emikhondweni yabo, ngokuthi: “Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo uthi: “Amanzi ebiweyo amnandi, nesinkwa sentukuso singesenamisayo.” Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilapho nokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo.
IzAga 9:1-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ukuhlakanipha kwakha indlu yakho, kwaqopha izinsika zakho eziyisikhombisa. Wahlaba imfuyo yakhe; yaxuba iwayini layo; naye wadeka itafula lakhe. Wathuma izincekukazi zakhe; ubiza izindawo eziphakemeyo zedolobha; Ongenalwazi makaphendukele lapha; Wozani nidle isinkwa sami, niphuze iwayini engilixubileyo. Yekani iziwula niphile; uhambe ngendlela yokuqonda. Okhuza isideleli uzizuzela ihlazo; futhi lowo okhuza omubi uthola ibala kuye. Ungamkhuzi umdeleli, funa akuzonde; khuza ohlakaniphileyo, uyakukuthanda. Mfundise ohlakaniphileyo, uyakuhlakanipha nakakhulu; fundisa olungileyo, khona-ke uyoba nemfundo eyengeziwe. Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha, nokwazi ongcwele kungukuqonda. Ngokuba ngaMi izinsuku zakho ziyakuba-ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwandiswa. Uma uhlakaniphile, uyakuzihlakaniphela; Owesifazana oyisithutha uyaxokozela; Ngokuba uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe esihlalweni esiqongweni somuzi; Ukubiza abagibeli abahamba ngendlela yabo: Ongenalwazi makaphendukele lapha; futhi lowo ofuna ukuqonda uthi kuye: Amanzi ebiwe amnandi, nesinkwa esidliwa ngasese simnandi. Kodwa kakwazi ukuthi abafileyo bakhona; nokuthi abamenyiweyo bakhe basezinzulwini zesihogo.