IzAga 30:1-14 - Compare All Versions

IzAga 30:1-14 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Amazwi ka-Aguri, indodana kaJakhe waseMasa. Yathi indoda ku-Ithiyeli, ko-Ithiyeli no-Ukhali: “Impela ngiyisiwula kunabanye abantu, anginakuqonda komuntu. Angifundanga ukuhlakanipha, ukuze ngazi oNgcwele. Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na? “Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile; uyisihlangu kwabaphephela kuye. Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga. “Yizinto ezimbili engizicela kuwe: unganginqabeli nazo, ngingakafi. Dedisela kude nami okuyize namanga, unganginiki ubumpofu nengcebo, kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo, funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: ‘UJehova ungubani na’ ” funa ngibe mpofu, ngebe, ngilone igama likaNkulunkulu wami. “Ungahlebi inceku enkosini yayo, funa ikuthuke, ube necala. “Kukhona isizukulwane esithuka uyise, esingabusisi unina. Kukhona isizukulwane esimhlophe emehlweni aso, esingahlanzwanga ensileni yaso. Kukhona isizukulwane yeka ukuzidla kwaso! Nezinkophe zaso ziphakanyisiwe. Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu.

Dlulisela
IzAga 30 ZUL59

IzAga 30:1-14 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Amazwi ka-Aguri, indodana kaJakhe. Yathi le ndoda ku-Itheli, no-Ukhali: “Impela ngiyisiwula kunabanye abantu; anginakho ukuqonda komuntu. Angifundanga ukuhlakanipha, ukuze ngazi oNgcwele. Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani osonge amanzi ngengubo yakhe na? Ngubani omise yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe; ukhona yini olaziyo na? “Wonke amazwi kaNkulunkulu ahloliwe; uyisihlangu kwabaphephela kuye. Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga. “Zimbili izinto engizicela kuwe ngingakafi; ungangincishi zona. Dedisela kude nami okuyize namanga, unganginiki ubuphofu noma ingcebo, kepha ngiphe isinkwa esinganeleyo, funa ngisuthe, bese ngikuphika, ngithi: ‘USimakade ungubani na?’ funa ngibe mpofu, ngebe, ngilihlambalaze igama likaNkulunkulu wami. “Ungayihlebi inceku enkosini yayo, funa ikuqalekise, ube necala. “Kukhona isizukulwane esiqalekisa uyise, nesingambusisi unina. Lesi yisizukulwane esizibona simsulwa emehlweni aso, esingahlanzwanga insila yaso. Kunesizukulwane esiziqhenya kakhulu, futhi singamaqhalaqhala. Isizukulwane esimazinyo ayizinkemba, namazinyo emihlathi yaso ayimimese yokuqeda abampofu emhlabeni, nabasweleyo kubantu.

Dlulisela
IzAga 30 ZUL20

IzAga 30:1-14 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Amazwi ka-Aguri indodana kaJake, isiprofetho: lowo muntu wakhuluma ku-Itiyeli, naku-Itiyeli, naku-Ukali, Ngempela, nginonya ngaphezu kwanoma yimuphi umuntu, futhi anginakho ukuqonda komuntu. Angifundanga ukuhlakanipha, futhi anginalwazi longcwele. Ubani owenyukela ezulwini noma owehla na? ngubani owabutha umoya ngezandla zakhe na? ngubani owabophela amanzi engutsheni na? ngubani omise imikhawulo yonke yomhlaba? Ngubani igama lakhe, futhi ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi? Wonke amazwi kaNkulunkulu ahlanzekile: Uyisihlangu kulabo abathembela kuye. Ungengezi emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga. Ngafuna kuwe izinto ezimbili; ungangiphiki lokho ngingakafi; Susa kimi okuyize namanga; unganginiki ubumpofu nengcebo; ngiphe ukudla okulungele mina; funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: Ungubani uJehova? ukuze ngingabi mpofu ngebe futhi ngisebenzise iGama likaNkulunkulu wami ngeze. Ungamangaleli inceku enkosini yayo, funa ikuthuke, ube necala. Kukhona isizukulwane esithuka uyise futhi esingabusisi unina. Kukhona isizukulwane esihlambulukile emehlweni aso, kodwa esingagezwanga ekungcoleni kwaso. Kukhona isizukulwane, yeka ukuphakama kwamehlo aso! nezinkophe zabo zaphakanyiswa. Kukhona isizukulwane esimazinyo aso anjengenkemba namazinyo omhlathi anjengomese ukuba sidle abampofu emhlabeni nabampofu phakathi kwabantu.

Dlulisela
IzAga 30 CZB24