IzAga 3:13-15
IzAga 3:13-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha, nomuntu ozuza ukuqonda, ngokuba inzuzo yakho yinhle kunenzuzo yesiliva; nenzuzo yakho kunegolide. Ukuhlakanipha kuyigugu kunamarubhi, nakho konke okunxanelekayo akunakuqhathaniswa nakho.
IzAga 3:13-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo, ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide. Kuyigugu kunamarubi,* nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho.
IzAga 3:13-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uyajabula umuntu othola ukuhlakanipha, nomuntu ozuza ukuqonda. Ngokuba ukuthengiswa kwawo kuhle kunokuthengiswa kwesiliva, nenzuzo yalo kunegolide elihle. Uyigugu ngaphezu kwamarubi, nakho konke ongakufisa akunakukufanisa nabo.