IzAga 3:1-10
IzAga 3:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ndodana yami, ungawukhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayilonde imiyalelo yami, khona iyakwenezela kuwe izinsuku, neminyaka yokuphila nokuthula. Ububele neqiniso makungakushiyi; kubophele entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho, ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. Thembela kuSimakade ngayo yonke inhliziyo yakho, unganciki kokwakho ukuqonda. Mazise Yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho. Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini. Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho, nokuhlunyelelwa kwamathambo akho. Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho, ukuze izinqolobane zakho ziphuphume ngobuningi bomkhiqizo, nezikhamo zakho zichichime iwayini elisha.
IzAga 3:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami, ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula. Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho, ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho. Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uJehova, udede ebubini. Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho nokuhlunyelelwa kwamathambo akho. Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho, izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi, nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.
IzAga 3:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami; kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami. Ngoba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, nokuphila, nokuthula. Ungaphelelwa umusa nokuthembeka; zibophe entanyeni yakho; kulobe esibhebheni senhliziyo yakho. Kanjalo uyakufumana umusa nengqondo enhle emehlweni kaNkulunkulu nakubantu. Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho; futhi ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazi kuzo zonke izindlela zakho, futhi uyokwenza izindlela zakho ziqonde. Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho; yesaba uJehova, udede ebubini. Kuyakuba nempilo enkabeni yakho nomnkantsha wamathambo akho. Dumisa uJehova ngempahla yakho nangolibo lwazo zonke izithelo zakho. Ngakho iziphala zakho ziyakugcwala ngokuchichimayo, nezikhamo zakho zewayini zichichime ngewayini.