IzAga 1:1-33
IzAga 1:1-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lezi yizaga zikaSolomoni, indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli. Ngezokufunda ukuthi kuyini ukuhlakanipha, nokufundisa ukuqonda amazwi ajulile, ukuthola ingqondo ekhanyiselwe, ubulungiswa nobuqotho. Zibanika ubuhlakani abangenakuqonda, ulwazi nokuqaphela kwabasha, ukunikeza ukuqonda izaga nezisho ezifihlakele, izisho zabahlakaniphe kakhulu neziphicaphicwano zabo, ukuze aqonde izaga, nemizekeliso, namazwi ezihlakaniphi. Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa. Ndodana yami, lalela ukuqondisa kukayihlo, ungayedeleli imfundiso kanyoko, iyoba ngumqhele wobuhle ekhanda lakho, nomgexo entanyeni yakho. Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi, uma zithi kuwe: “Woza, hamba nathi ukuze sibalalele unyendle, ngaphandle kwesizathu, sichithe igazi labangenacala! Masibagwinye bezwa okwendawo yakwalasha, sibaphonse egodini bephila. Siyozitholela yonke ingcebo eyigugu, sigcwalise izindlu zethu ngempango, senze unkatho phakathi kwethu, sabelane sonke sikhwameni sinye!” Ndodana yami, ungazibandakanyi nabo, ungalubhadi unyawo lwakho ezindleleni zabo, ngoba izinyawo zabo zigijimela ebubini, bayashesha ukuchitha igazi. Ngokuba balendlalele ize inetha labo, ukucupha ugibe izinyoni zonke zibuka. Laba baqamekela elabo igazi, balala unyendle belalela impilo yabo. Zinjalo izindlela zabo bonke abathola inzuzo ngokungafanele; leyo nzuzo iyakuthatha impilo yomniniyo. Ukuhlakanipha kuyampongoloza emigwaqweni, kuyaqandula ezigcawini. Kumemeza ezinkundleni nasemasangweni omuzi, kukhuluma kuthi: “Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na? Buyani ngenxa yokusola kwami, lalelani, manginithululele okusemoyeni wami, nginazise amazwi ami. Ngenxa yokuba ngimemezile, nenqaba, ngininike isandla sami, kodwa anizange ninake. Anizinakanga zonke izeluleko zami, anikwemukelanga ukusola kwami. Ngakho-ke nami ngiyonihleka usulu ngesikhathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo. Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembubhiso, nenhlekelelo yenu ifika njengesivunguvungu, nalapho inhlupheko nosizi kunehlela, khona bayakungibiza, kodwa angiyukuphendula; bayakungifunisisa, kodwa ngeke bangifumane, ngenxa yokuba bazonde ulwazi, bakhetha ukungamesabi uSimakade. Abasilalelanga iseluleko sami, bakudelela ukusola kwami. Ngakho-ke bazokuvuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo. Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa. Kodwa lowo ongilalelayo uyohlala ephephile, angabi naluvalo lokwehlelwa ngokubi.”
IzAga 1:1-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa, nokwahlukanisa amazwi okuqonda, nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha, nokulunga, nokwahlulela, neqiniso, nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu, ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo, namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo. Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa. Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko, ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho. Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi. Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala, sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini; yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango; yenza inkatho yakho phakathi kwethu, sibe nesikhwama sinye sonke,” ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo, ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi. Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni. Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila. Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo. Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni, kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini; emashashalazini emigwaqo kuyaduma; ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi: “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na? Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami. Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo; kepha nichithile konke ukululeka kwami, anivumanga ukusola kwami; nami ngiyakuhleka ingozi yenu, ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo, lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo, nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi, lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi. “Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana ngenxa yokuba babezonda ukwazi, kabakhethanga ukwesaba uJehova, bengavumanga ukululeka kwami, bedelela konke ukusola kwami. Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo. Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa. Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”
IzAga 1:1-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Amazwi kaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli; ukwazi ukuhlakanipha nokulaywa; ukuqonda amazwi okuqonda; Ukwamukela isifundiso sokuhlakanipha, ukulunga, nokwahlulela, nokulunga; Ukunika abangenalwazi ubuqili, abasha ulwazi nokweluleka. Umuntu ohlakaniphileyo uyakuzwa, afunde okwengeziwe; nomuntu ohlakaniphileyo uyakufika esilulekweni esihlakaniphileyo. Ukuze baqonde isaga nencazelo; amazwi abahlakaniphileyo namazwi abo amnyama. Ukumesaba uJehova kungukuqala kolwazi, kepha iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa. Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko. Ngokuba ziyakuba ngumhlobiso omuhle ekhanda lakho namaketanga entanyeni yakho. Ndodana yami, lapho izoni zilinga, awuvumi. Uma bethi: “Hamba nathi, silindele igazi, sifune abangenacala ngasese ngeze. Masibashwabadele bephila njengethuna; futhi bephelele njengabehlela egodini; Sizathola zonke izinto eziligugu, sizagcwalisa izindlu zethu ngempango. Yenza inkatho yakho phakathi kwethu; sonke masibe nesikhwama semali sinye. Ndodana yami, ungahambi nabo endleleni; nqamula unyawo lwakho endleleni yabo; Ngokuba izinyawo zabo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi. Impela inetha lendlalelwa ize phambi kwamehlo azo zonke izinyoni. Baqamekela igazi labo; bacathamela ukuphila kwabo ekusithekeni. Zinjalo izindlela zabo bonke abazuzayo; ethatha impilo yabanikazi bayo. Ukuhlakanipha kumemeza ngaphandle; uzwakalisa izwi lakhe ezitaladini. Buyabiza endaweni yokuhlangana, ezintubeni zamasango; emzini ikhuluma amazwi ayo ithi: Koze kube nini nina zithutha nithanda ubuwula? nezideleli zijabulela ukuklolodela, neziwula zizonda ukwazi? Phendukelani ekukhuzeni kwami; khangelani, ngizathululela uMoya wami phezu kwenu, ngizakwazisa amazwi ami kini. Ngokuba ngabiza, nenqaba; Ngelula isandla sami, akwabonwa muntu; Kodwa kalilalelanga iseluleko sami, kalifunanga ukusolwa kwami. Nami ngiyakuhleka ngenhlupheko yenu; ngiyakuklolodela ekufikeni kokwesaba kwenu; Lapho ukwesaba kwakho kufika njengencithakalo, nokubhujiswa kwakho kufika njengesivunguvungu; lapho usizi nosizi lukwehlela. Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayongifuna ekuseni, kodwa ngeke baNgithole; Ngokuba bazonda ukwazi, abakhethanga ukumesaba uJehova; Abezwanga lutho ngesiluleko sami; badelela konke ukusola kwami. Ngakho bayakudla isithelo sendlela yabo, basuthe ngamacebo abo. Ngokuba inzondo yabangenalwazi iyobabulala, nokunetha kweziwula kuyakubabhubhisa. Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, athule ekwesabeni okubi.