KwabaseFilipi 4:10-23
KwabaseFilipi 4:10-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; enanaka ngakho, kepha anibanga nathuba. Akusikho ukuthi ngikhuluma ngokuswela, ngokuba mina ngifundile ukwaneliseka kunoma yisiphi isimo engikuso. Ngiyakwazi nokuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe kokubili ukusutha nokulamba, nokubusa nokuswela. Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami osizini lwami. Nani-ke nina baseFilipi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ekusukeni kwami eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa. Ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ekusweleni kwami. Kungesikho ukuthi ngifuna ukuphiwa, kodwa ngifuna isithelo esingavama esibalweni senu. Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu. Makube kuNkulunkulu uBaba wethu inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Khonzani kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu. Abazalwane abanami bayakhonza kini. Bayakhonza kini bonke abangcwele, ikakhulu abendlu kaKesari. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen. (KwabaseFiliphi ilotshwa nguEphafrodithu eseRoma.)
KwabaseFilipi 4:10-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senibuye nathola ithuba lokunginakekela; kwazise beninginakekela, kodwa ningalitholi ithuba. Akusikho ukuthi ngikusho lokhu ngokuba ngeswele, kodwa mina ngifundile ukweneliswa noma ezimeni ezinjani. Ngiyakwazi ukuntula, ngiyakwazi futhi nokubusa. Kukho konke nasezintweni zonke, ngiyifundisiwe imfihlakalo: ukusutha, ukulamba, ukubusa nokuntula. Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami. Nina baseFiliphi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ngesikhathi ngiphuma eMakhedoniya, kwakungekho ngisho nelilodwa ibandla elahlanganyela nami maqondana nokupha nokwamukela, ngaphandle kwenu kuphela. Nalapho ngiseThesalonikha nangithumelela usizo kanye nakabili ngenxa yokweswela kwami. Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa kini. Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu. UNkulunkulu wami uyakunabela konke enikudingayo ngokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKhristu uJesu. Makube ludumo kuNkulunkulu uBaba wethu, kuze kube phakade naphakade. Amen. Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKhristu uJesu. Abazalwane abanami lapha bayakhonza kini. Bayakhonza bonke abazalwane abangcwele, ikakhulu abendlu kaKhesari. Umusa weNkosi uJesu Khristu mawube nomoya wenu.
KwabaseFilipi 4:10-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha-ke ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; beninginakekela kambe, kepha anibanga nathuba. Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani. Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela. Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo. Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami. Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa, ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ngokuswela kwami. Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa nina. Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu. UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu. KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen. Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKristu Jesu. Abazalwane abanami bakhonza kinina. Abangcwele bonke bayakhonza kini, ikakhulu abendlu kaKesari. Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.
KwabaseFilipi 4:10-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)