KwabaseFilipi 3:9-15
KwabaseFilipi 3:9-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
njalo ngifunyanwe kuye, ngingelakho okwami ukulunga okuvela emthethweni, kodwa lokho okungokholo lukaKristu, ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa; ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngifaniswe nokufa kwakhe; uba mhlawumbe ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo. Kungabi njengokuba sengikutholile, noma sengiphelele, kodwa ngiphuthuma ukuba ngikubambe lokho nami engibanjelwe kona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile, kodwa kunye engikwenzayo, ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili; ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okuphezulu kukaNkulunkulu kuKristu Jesu. Ngakho-ke thina esiphelele masibe nomqondo ofanayo
KwabaseFilipi 3:9-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, ukuze ngimazi Yena, namandla okuvuka kwakhe, ngibe nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze nangokufa kwakhe, mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo. Akusho ukuthi sengifinyelele kulokhu kumbe sengiphelelisiwe, kodwa ngiyaphikelela ukuba kambe ngingaze ngikubambe lokho nami engabanjelwa khona nguKhristu uJesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile, kodwa kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili; ngiphokophele emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu, nguNkulunkulu kuJesu Khristu. Thina sonke esipheleleyo masibe nokuqonda okunjalo. Kepha uma kwenzeka niba nokuqonda okwehlukileyo, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona
KwabaseFilipi 3:9-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe, uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo, kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu. Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona
KwabaseFilipi 3:9-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)