KwabaseFilipi 3:17-21
KwabaseFilipi 3:17-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bazalwane, yibani ngabalingisi bami kanyekanye, niqaphele abahamba kanjalo njengokuba ninesibonelo kithi. Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo, namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba bayizitha zesiphambano sikaKristu; abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni. Ngokuba indaba yethu isezulwini; lapho futhi silindele khona uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu. oyakuguqula umzimba wethu odelelekile, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, namandla anamandla okuzehlisa ngawo zonke izinto ngaphansi kwakhe.
KwabaseFilipi 3:17-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bazalwane, ngilingiseni, futhi nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. Abaningi enganitshela ngabo ngiphindelela, kumanje ngisanitshela ngabo ngikhala izinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKhristu. Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela. Kepha thina singabombuso wezulu, lapho futhi silangazelele khona ukubona uMsindisi, iNkosi uJesu Khristu. NguYena oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo. Lokho uyakukwenza ngamandla akhe akwazi ukuzihlelela ngawo konke phansi kwakhe.
KwabaseFilipi 3:17-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba. Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu, oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.
KwabaseFilipi 3:17-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bazalwane, yibani ngabalingisi bami kanyekanye, niqaphele abahamba kanjalo njengokuba ninesibonelo kithi. Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo, namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba bayizitha zesiphambano sikaKristu; abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni. Ngokuba indaba yethu isezulwini; lapho futhi silindele khona uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu. Oyakuguqula umzimba wethu odelelekile, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, namandla anamandla okuzehlisa ngawo zonke izinto ngaphansi kwakhe.