KwabaseFilipi 3:1-8
KwabaseFilipi 3:1-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela zona lezi zinto akungihluphi kimi, kepha nina kuyanivikela. Xwayani izinja, xwayani izisebenzi ezimbi, xwayani abasikayo. Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni. nakuba nami bengingaba nethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokuthenjwa enyameni, mina kakhulu. ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi; ngokushisekela ngizingela ibandla; mayelana nokulunga okusemthethweni, ngingenacala. Kodwa lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu
KwabaseFilipi 3:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Akungikhathazi ukuphinde nginilobele khona lokho, kodwa nina kuyanilonda. Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye nabazisika imizimba. Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni, nakuba bengingethembela enyameni. Uma kukhona ocabanga ukuthi unesizathu sokwethembela enyameni, mina ngineziningi. Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi. Ngangiyisishisekeli esizingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo. Kepha lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKhristu. Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu
KwabaseFilipi 3:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina. Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika. Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni, nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu; ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi; ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo. Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu
KwabaseFilipi 3:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela zona lezi zinto akungihluphi kimi, kepha nina kuyanivikela. Xwayani izinja, xwayani izisebenzi ezimbi, xwayani abasikayo. Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni. Nakuba nami bengingaba nethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokuthenjwa enyameni, mina kakhulu. Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi; ngokushisekela ngizingela ibandla; mayelana nokulunga okusemthethweni, ngingenacala. Kodwa lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu