KwabaseFilipi 1:3-8
KwabaseFilipi 1:3-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngiyambonga uNkulunkulu wami kukho konke ukunikhumbula; njalo kukho konke ekukhulekeleni kwami ngenxa yenu lonke ngininxusela ngentokozo; Ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje; nginethemba lalokho ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaJesu Kristu; njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami. Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu.
KwabaseFilipi 1:3-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyambonga uNkulunkulu wami ngezikhathi zonke enginikhumbula ngazo. Njalo ekuninxuseleni kwami, nginxusa ngokuthokoza, ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela ngosuku lokuqala kuze kube manje. Nginesibindi ngempela sokuthi owuqalile umsebenzi omuhle kini uzakuwufeza, kuze kube wusuku lukaKhristu uJesu. Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli. UNkulunkulu ungufakazi wami ukuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngenxa yesihe sikaJesu Khristu.
KwabaseFilipi 1:3-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyambonga uNkulunkulu wami ekunikhumbuleni kwami konke ngezikhathi zonke ekunxuseni kwami konke ngani nonke, nginxusa ngokuthokoza, ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje; ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu, njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni. Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.
KwabaseFilipi 1:3-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)