KwabaseFilipi 1:19-20
KwabaseFilipi 1:19-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungiphendulela kube yinsindiso ngokukhuleka kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu, Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa.
KwabaseFilipi 1:19-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba ngiyazi ukuthi imikhuleko yenu nokungisiza kwenu okukhulu ngokukaMoya kaJesu Khristu, kuzakwelekelela ekukhululweni kwami. Ngiyalangazelela, futhi ngethemba ukuthi akukho lutho oluzongijabhisa, kodwa ngizokuba nesibindi esanele ukuze njengokuba kuhlala kwenzeka, uKhristu enziwe mkhulu emzimbeni wami, noma kungokuphila noma kungokufa.
KwabaseFilipi 1:19-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu, njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.
KwabaseFilipi 1:19-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)