KwabaseFilipi 1:18-21
KwabaseFilipi 1:18-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Pho? Nokho uKristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngeqiniso; futhi ngiyathokoza ngakho, yebo, futhi ngiyojabula. Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungiphendulela kube yinsindiso ngokukhuleka kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu, Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa. Ngoba kimi ukuphila kunguKristu, futhi ukufa kuyinzuzo.
KwabaseFilipi 1:18-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Pho kunani na? UKhristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, kungaba ngokuzenzisa noma ngokweqiniso. Kukho konke lokho mina ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza. Ngokuba ngiyazi ukuthi imikhuleko yenu nokungisiza kwenu okukhulu ngokukaMoya kaJesu Khristu, kuzakwelekelela ekukhululweni kwami. Ngiyalangazelela, futhi ngethemba ukuthi akukho lutho oluzongijabhisa, kodwa ngizokuba nesibindi esanele ukuze njengokuba kuhlala kwenzeka, uKhristu enziwe mkhulu emzimbeni wami, noma kungokuphila noma kungokufa. Ngokuba kimina ukuphila kunguKhristu, ukufa kuyinzuzo.
KwabaseFilipi 1:18-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kunani pho? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngesiminya; kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza, ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu, njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa. Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.
KwabaseFilipi 1:18-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)