KwabaseFilipi 1:15-23
KwabaseFilipi 1:15-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Abanye kambe batshumayela uKristu ngomona langombango; futhi abanye futhi ngenhliziyo enhle: Laba batshumayela uKristu ngombango, kungeyisikho ngobuqotho, bethi bangongeza usizi ezibopho zami; Kepha abanye ngothando, besazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli. Pho? Nokho uKristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngeqiniso; futhi ngiyathokoza ngakho, yebo, futhi ngiyojabula. Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungiphendulela kube yinsindiso ngokukhuleka kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu, Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa. Ngoba kimi ukuphila kunguKristu, futhi ukufa kuyinzuzo. Kepha uma ngiphila enyameni, lokhu kuyizithelo zomsebenzi wami; Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu
KwabaseFilipi 1:15-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abanye kambe bashumayela uKhristu ngomhawu nangombango, kodwa abanye ngenhliziyo enhle. Abanye bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli. Kepha labo abanye bashumayela uKhristu ngombango, kungengokwethembeka, bezitshela ukuthi bangangidalela uchuku ngisaboshiwe. Pho kunani na? UKhristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, kungaba ngokuzenzisa noma ngokweqiniso. Kukho konke lokho mina ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza. Ngokuba ngiyazi ukuthi imikhuleko yenu nokungisiza kwenu okukhulu ngokukaMoya kaJesu Khristu, kuzakwelekelela ekukhululweni kwami. Ngiyalangazelela, futhi ngethemba ukuthi akukho lutho oluzongijabhisa, kodwa ngizokuba nesibindi esanele ukuze njengokuba kuhlala kwenzeka, uKhristu enziwe mkhulu emzimbeni wami, noma kungokuphila noma kungokufa. Ngokuba kimina ukuphila kunguKhristu, ukufa kuyinzuzo. Kepha uma ukuphila kulo mzimba kuyisithelo somsebenzi kimi, engizakukukhetha angikwazi. Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu
KwabaseFilipi 1:15-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle; laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli, kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami. Kunani pho? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngesiminya; kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza, ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu, njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa. Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo. Kepha uma ukuphila enyameni kuyisithelo somsebenzi kimi, angisakwazi engizakukukhetha. Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu
KwabaseFilipi 1:15-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)