UNumeri 6:2-8
UNumeri 6:2-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esilukhuni sokuba ngumnaziri, abe ngumnaziri kuSimakade, uyozehlukanisa newayini nophuzo olunamandla. Akayukuwuphuza uviniga wewayini, uviniga wophuzo olunamandla, akayukuphuza lutho lwezithelo zomvini, futhi akayukuwadla amagilebhisi asemasha noma omisiwe. Zonke izinsuku zakhe njengomnaziri, akayukudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini. “ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobunaziri akuyukusondela nsingo ekhanda lakhe; uyoba ngcwele zize ziphelele izinsuku azehlukanisela ngazo kuSimakade, uyakuvumela ukuba nesihluthu ekhanda. Akayukusondela esidunjini ngazo zonke izinsuku esengumnaziri kaSimakade. Akayukuzingcolisa noma ngabe kufa uyise noma unina, noma umfowabo noma udadewabo, ngokuba isithembiso sakhe sobunaziri sisekhanda lakhe. Ungcwele kuSimakade, zonke izinsuku zobunaziri bakhe.
UNumeri 6:2-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esithile, isithembiso somNaziri,* ukuzahlukanisela kuJehova, uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla, angaphuzi uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini, futhi angadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo. Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe akayikudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini. “ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobuNaziri kungasondeli mpuco ekhanda lakhe; uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sibe side. Zonke izinsuku engumNaziri kaJehova akayikusondela esidumbini. Akayikuzingcolisa ngoyise noma ngonina, noma ngomfowabo noma ngodadewabo, nxa befile, ngokuba isithembiso sakhe sobuNaziri sisekhanda lakhe. Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova.
UNumeri 6:2-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Nxa indoda kumbe owesifazana ezahlukanisa ukwenza isithembiso somNaziri, ukuzahlukanisela eNkosini; Angayeka iwayini nophuzo oludakayo, angaphuzi viniga wewayini noma uviniga wesiphuzo esinamandla, angaphuzi isiphuzo samagilebhisi, angadli izithelo zomvini ezimanzi noma izithelo zomvini ezomisiweyo. Zonke izinsuku zokuzehlukanisela kwakhe makangadli lutho olwenziwe emvinini, kusukela embewu kuze kube sezikhumbani. Zonke izinsuku zesithembiso sokuzehlukanisa kwakhe akuyikunqunyulwa mpuco ekhanda lakhe; zize zigcwaliseke izinsuku zokuzahlukanisela kwakhe uJehova, uyakuba ngcwele, ayeke ukuhluthuka kwekhanda lakhe kukhule. Zonke izinsuku azahlukanisela ngazo uJehova, kayikusondela kofileyo. Angazingcolisi ngoyise noma ngonina, ngomfowabo noma ngodadewabo, uma befa, ngokuba ubungcwele bukaNkulunkulu wakhe buphezu kwekhanda lakhe. Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova.