UNumeri 4:21-49

UNumeri 4:21-49 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Bala inani labozalo lukaGereshoni ngokwezindlu zokhokho babo nangemindeni yabo, kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuyokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana. “Nanku umsebenzi wemindeni kaGereshoni, ngowokukhonza nowokuthwala: bayakuthwala amakhethini ethabanakeli, ithende lokuhlangana, isembozo salo, isembozo esiyisikhumba samahlengethwa esiphezu kwalo, isihenqo esisemnyango wethende lokuhlangana, amakhethini asegcekeni, isihenqo somnyango wesango legceke elingasethabanakelini nase-althare nxazonke, izintambo zalo, nayo yonke impahla abayisebenzisayo; bayokwenza konke okudinga ukwenziwa maqondana nabo. Yonke imisebenzi yabozalo lwamaGerishoni nakho konke abakwenzayo nabayokwenza, kuyoya njengokuyala kuka-Aroni namadodana akhe, bayakuwamisela imisebenzi okumele ayenze. Yilowo umsebenzi wemindeni yabozalo lwamaGereshoni ethendeni lokuhlangana, ebayakuyigcina phansi kwesandla sika-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi. “Abozalo lukaMerari uyobabala ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo; kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kube kwabaneminyaka engama-50, uyobabala bonke abangena ukuyokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana. Nakhu abayalwa ukuba bakwenze, okungumsebenzi wabo ethendeni lokuhlangana: ukuthwala amapulangwe ethabanakeli, imishayo yalo, izinsika zalo, izinyawo zalo, izinsika zegceke nxazonke, izisekelo zalo, izikhonkwane zalo, izintambo zalo, impahla yalo yonke, nomsebenzi walo wonke, niyoyisho ngamagama impahla okufanele bayithwale. Yilowo umsebenzi wemindeni yabozalo lukaMerari abamiselwe ukuwenza ethendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi.” UMose, u-Aroni nabaholi benhlangano, babala abozalo lukaKhohathi ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo, kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabeneminyaka engama-50, bonke abangena ukwenza umsebenzi wokukhonza ethendeni lokuhlangana. Labo ababalwa ngemindeni yabo babeyizi-2 750. Yilabo ababalwayo, bemindeni yamaKhohathi, bonke abakhonza ethendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose no-Aroni njengesiyalezo sikaSimakade ngesandla sikaMose. Labo ababalwayo bozalo lukaGereshoni ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo, kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena emsebenzini wokukhonza ethendeni lokuhlangana, labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo, babeyizi-2 630. Yilabo ababalwayo bemindeni yozalo lukaGereshoni, bonke abakhonza ethendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose no-Aroni njengesiyalezo sikaSimakade. Labo ababalwayo, bemindeni yozalo lukaMerari ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo, kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena emsebenzini wokukhonza ethendeni lokuhlangana, labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo, babeyizi-3 200. Yilabo ababalwayo, bemindeni yozalo lukaMerari, ababalwa nguMose no-Aroni njengokusho kukaSimakade ngesandla sikaMose. Bonke ababalwayo babaLevi, ababalwa nguMose no-Aroni nabaholi bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo, kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala ethendeni lokuhlangana, labo ababalwayo kubo, babeyizi-8 580. Babalwa-ke njengesiyalezo sikaSimakade kuMose, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe. Babalwa kanjalo-ke, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Dlulisela
Funda UNumeri 4

UNumeri 4:21-49 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Bala umumo wamadodana kaGereshoni nawo ngezindlu zawoyise nangemindeni yawo kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana. “Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala: bayakuthwala izilenge zetabernakele,* netende lokuhlangana, nesimbozo salo, nesimbozo sesikhumba samatahasi* esiphezu kwalo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana, nezilenge zegceke, neveli lomnyango wesango legceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zakho, nezinto zonke zokukhonza kwabo; nakho konke okwenzelwa zona bayakukwenza. Ngesiyalezo sika-Aroni nangesamadodana akhe uyakwenziwa wonke umsebenzi wamadodana amaGereshoni emithwalweni yawo yonke nasemisebenzini yawo yonke; niwamisele yonke imithwalo yawo ezakugcinwa yiwo. Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana amaGereshoni etendeni lokuhlangana; okugcinwa yiwo kube phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi. “Amadodana kaMerari uwabale ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise; kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu wobabala bonke abangena emsebenzini ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana. Nakhu okuzakugcinwa yibo ukuba bakuthwale ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana: amapulangwe etabernakele,* nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nempahla yonke yazo, nenkonzo yonke yazo, nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala. Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.” OMose no-Aroni nezikhulu zenhlangano babala amadodana amaKohati ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabeneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana; labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu. Yilabo ababalwayo bemindeni yamaKohati, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose. Labo ababalwayo bamadodana kaGereshoni ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana, labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha namashumi amathathu. Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaGereshoni, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova. Labo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana, labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezintathu namakhulu amabili. Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose. Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni nayizikhulu zakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala etendeni lokuhlangana, labo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalombili. Njengesiyalezo sikaJehova babalwa ngesandla sikaMose, yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe nangokomthwalo wakhe. Base bebalwa-ke, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Dlulisela
Funda UNumeri 4

UNumeri 4:21-49 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: bala amadodana kaGereshoni ngemindeni yawo ngezizukulwane zawo; kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuya kwabaneminyaka engamashumi amahlanu kumelwe uwabale; bonke abangena ukwenza inkonzo, ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana. Lona ungumsebenzi wezizukulwane zamaGereshoni ukukhonza nokuthwala. Bayakuthwala izindwangu zetabernakele, netende lokuhlangana, nesembozo salo, nesembozo sezikhumba eziphezu kwalo, nesifulelo somnyango wetende lokuhlangana, nezilenge zegceke, nezilenge zomnyango wesango legceke elingasetabernakele nase-altare nxazonke, nezintambo zazo, nezinto zonke zenkonzo yabo, nakho konke okwakhelwe kona. Bona: kanjalo bayakukhonza. Ngokumisa kuka-Aroni namadodana akhe, yonke inkonzo yamadodana amaGereshoni iyakuba kuyo yonke imithwalo yawo nakuyo yonke inkonzo yawo; Lona ngumsebenzi wenkonzo ezizukulwaneni zamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana; inkonzo yawo ingaphansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi. Ngokuqondene namadodana kaMerari, kumelwe niwabale ngezizukulwane zawo ngemindeni yawo; kusukela kominyaka imashumi mathathu ezelwe, kuya phezulu, kuse kominyaka imashumi mahlanu ezelwe, wobabala bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana. Lena yinkonzo yomthwalo wabo ngokwenkonzo yabo yonke etendeni lokuhlangana; izinsika zetabernakele, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo; nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nazo zonke izinto zazo, nawo wonke umsebenzi wazo wenkonzo; Lena yinkonzo yezizukulwane zamadodana kaMerari ngomsebenzi wawo wonke etendeni lokuhlangana ngaphansi kwesandla sika-Ithamari indodana ka-Aroni umpristi. OMose no-Aroni nezikhulu zenhlangano babala amadodana amaKohati ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise; kusukela kominyaka imashumi mathathu ezelwe, kuya phezulu, kuse kominyaka imashumi mahlanu ezelwe, bonke abeza inkonzo yomsebenzi etendeni lokuhlangana; labo ababalwayo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu. Laba babe ngababalwayo bensendo zamaKohati, bonke ababengakhonza ethenteni lenhlangano, uMozisi loAroni ababalayo ngesiyalezo sikaJehova ngenkonzo kaMozisi. Labo ababalwayo bamadodana kaGereshoni ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise; kusukela kominyaka imashumi mathathu ezelwe, kuya phezulu, kuze kufike kominyaka imashumi mahlanu ezelwe, bonke abangena enkonzweni yomsebenzi etendeni lokuhlangana, labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo ngokwezindlu zoyise babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha namashumi amathathu. Lezi ziyizibalo zemindeni yamadodana kaGereshoni, yabo bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababala oMose no-Aroni njengesiyalezo sikaJehova. Labo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ngemindeni yabo nangemindeni yabo, kusukela kominyaka imashumi mathathu ezelwe, kuya phezulu, kuze kufike kominyaka imashumi mahlanu ezelwe, bonke abangena enkonzweni yomsebenzi etendeni lokuhlangana, labo ababalwayo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezintathu namakhulu amabili. Lezi ziyizibalo zezizukulwane zamadodana kaMerari, uMose no-Aroni ababala njengezwi likaJehova ngomsebenzi kaMose. Bonke ababalwayo bamaLevi, uMose no-Aroni abababalayo, nezikhulu zakwa-Israyeli, ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abeza ukwenza inkonzo yenkonzo nenkonzo yokuthwala etendeni lokuhlangana, labo ababalwayo babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu amahlanu namashumi ayisishiyagalombili. Ngokomyalo weNkosi basebebalwa ngesandla sikaMozisi, ngulowo lalowo ngomsebenzi wakhe lanjengomthwalo wakhe; babalwa kanye naye, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Dlulisela
Funda UNumeri 4