UNumeri 27:18-20 - Compare All Versions

UNumeri 27:18-20 ZUL20 (IsiZulu 2020)

USimakade wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu onoMoya wami, ubeke isandla sakho phezu kwakhe, ummise phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke, umgunyaze phambi kwayo ibuka. Uyobeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuze yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli imhloniphe.

UNumeri 27:18-20 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe, ummise ngaphambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo. Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele.

UNumeri 27:18-20 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

UJehova wayesethi kuMose: “Zithathele uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu okuye uMoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe; Ummise phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwebandla lonke; wamyala emehlweni abo. Kumelwe ubeke udumo lwakho phezu kwakhe, ukuze yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele.