UNumeri 26:65 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
UNumeri 26:65 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
UNumeri 26:65 ZUL20 (IsiZulu 2020)
ngoba uSimakade wayekhulumile ngabo, wathi: “Impela bayofela ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune, noJoshuwa, indodana kaNuni.
UNumeri 26:65 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Ngoba iNkosi yathi ngabo: Isibili bazafela enkangala. Akwasala muntu kubo, kuphela uKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.