UNumeri 25:1-18

UNumeri 25:1-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu base beqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi. Abamemela emadilini emihlatshelo yonkulunkulu bawo. Abakwa-Israyeli bafike badla, bakhothamela onkulunkulu bawo. U-Israyeli wazihlanganisa noBhali Pheyori. Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli. USimakade wathi kuMose: “Thatha bonke abaholi babantu, ubabulalele uSimakade lingakashoni ilanga, ukuze intukuthelo kaSimakade evuthayo isuke ku-Israyeli.” UMose wathi kubehluleli bakwa-Israyeli: “Yilowo nalowo makabulale abantu bakhe abazihlanganise noBhali Pheyori.” Bheka, umuntu mumbe kwabakwa-Israyeli waletha owesifazane wakwaMidiyani emndenini wakhe, phambi kukaMose nebandla lonke labakwa-Israyeli, ngesikhathi bekhala emnyango wethende lokuhlangana. UFinehasi, indodana ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi, wakubona lokho, wasukuma phakathi kwenhlangano, wadumela umkhonto wakhe. Wayesemlandela lowo muntu wakwa-Israyeli, wangena ethendeni lakhe, wababhokoda bobabili ngomkhonto esiswini, lwase lunqamuka ubhubhane kwabakwa-Israyeli. Kepha lwase lwedlule nabantu abayizi-24 000. USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi ukhalime intukuthelo yami kwabakwa-Israyeli, ngokuba utshengise intshisekelo ngami phakathi kwabo, ukuze ngingabaqothuli ngesikhwele sami. Ngakho-ke batshele, uthi: ‘Bheka, ngizomnika isivumelwano sami sokuthula. Siyakuba ngesakhe nezizukulwane zakhe, kube yisivumelwano sobuphristi obuphakade, ngokuba ube nentshisekelo ngoNkulunkulu wakhe, wenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ” Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa nowesifazane wakwaMidiyani, kwakunguZimri kaSalu, isikhulu sendlu yabakwaSimeyoni. Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawa kwakunguKhozibhi, indodakazi kaZuri owayengumholi wezizwana zabendlu yakwaMidiyani. USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Bahluphe abakwaMidiyani, bese ubabulala, ngokuba benze ubuqili, banikhohlisa ngodaba lukaPheyori nangendaba kaKhozibhi, indodakazi yomholi wakwaMidiyani, udadewabo owabulawa ngosuku lobhubhane ngenxa kaPheyori.”

UNumeri 25:1-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi, ngokuba babiza abantu ukuba beze emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo. U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori. Intukuthelo kaJehova yayisimvuthela u-Israyeli. UJehova wathi kuMose: “Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.” UMose wathi kubo abahluleli bakwa-Israyeli: “Bulalani, kube yilowo nalowo abantu bakhe abazihlanganisile noBali Peyori.” Bheka, umuntu wabantwana bakwa-Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana. Esekubona uFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe, wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli. Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane. UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami. Ngalokho yisho ukuthi: ‘Bheka, ngiyamnika isivumelwano sami sokuthula; siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe, wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ” Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa, eyabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise phakathi kwabakwaSimeyoni. Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawa lalinguKozibi indodakazi kaSuri owayeyinhloko yabantu bendlu kayise kwaMidiyani. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Khathaza abakwaMidiyani, ubashaye, ngokuba bayanikhathaza nina ngamacebo abanikhohlise ngawo endabeni kaPeyori nangendaba kaKozibi indodakazi yesikhulu sakwaMidiyani, udadewabo, owabulawa ngosuku lwesifo ngendaba kaPeyori.”

UNumeri 25:1-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

U-Israyeli wahlala eShithimi, abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi. Babizela abantu emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo. U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori; ulaka lweNkosi lwamvuthela u-Israyeli. INkosi yasisithi kuMozisi: Thatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyeke phambi kwe Nkosi elangeni, ukuze kubuye ulaka lwe Nkosi kaIsrayeli. Wayesethi uMose kubahluleli bakwa-Israyeli: “Bulalani, kube yilowo nalowo kubantu bakhe abazihlanganise noBali Peyori. Bheka, kwafika omunye wabantwana bakwa-Israyeli, waletha owesifazane wakwaMidiyani kubafowabo emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli, ababekhala phambi komnyango wetende lika-Israyeli ibandla. UFinehasi indodana ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi ekubona lokho, wasuka ebandleni, waphatha umkhonto ngesandla sakhe; Wamlandela umuntu wakwa-Israyeli wangena etendeni, wababhoboza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Kanjalo isifo sabantwana bakwa-Israyeli sanqandwa. Abafayo ngesifo babeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nane. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: UPinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni umpristi, wayinqanda intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, eshisekela phakathi kwabo ngenxa yami, ukuze ngingabaqedi abantwana bakwa-Israyeli ngokushisekela kwami. Ngakho uthi: Khangela, ngimnika isivumelwano sami sokuthula. Kuyakuba naso, nenzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade; ngoba wayeshisekela uNkulunkulu wakhe, wabenzela ukubuyisana abantwana bakwa-Israyeli. Igama lomIsrayeli owabulawa, naye owabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise kwabakwaSimeyoni. Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawayo lalinguKoshibi, indodakazi kaSuri; wayeyinhloko yesizwe nendlu yenkosi kwaMidiyani. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Cindezelani amaMidiyani futhi niwahlule. Ngokuba bayanihlupha ngezinkanuko zabo abanikhohlisa ngazo endabeni kaPeyori nangendaba kaKoshibi, indodakazi yesikhulu sakwaMidiyani, udadewabo, owabulawa ngenxa kaPeyori ngosuku lwenhlupheko.