UNumeri 20:1-13

UNumeri 20:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi. Kwakungekho manzi okuba inhlangano iphuze; ngakho-ke bahlangana ndawonye bamelana noMose no-Aroni. Abantu balwa noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi ngabe safa ngesikhathi kufa abafowethu phambi kukaSimakade. Niyiletheleni kuleli hlane inhlangano kaSimakade ukuba sizofela kulo, thina nemfuyo yethu na? Nasikhuphulelani eGibhithe, ukuze nisilethe kule ndawo embi na? Akusiyo indawo yembewu, noma yamakhiwane, noma yemivini, noma yamahananadi, futhi akukho ngisho amanzi okuphuza.” UMose no-Aroni basuka phambi kwebandla baya ngasemnyango wethende lokuhlangana. Bawa ngobuso bathi mbo emhlabathini, base bebona kuvela inkazimulo kaSimakade. USimakade wathi kuMose: “Thatha intonga, uqoqe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, ukhulume edwaleni phambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo. Uyakubavezela amanzi edwaleni, uyinike inhlangano nezinkomo zayo okokuphuza.” UMose wathatha intonga phambi kukaSimakade, njengalokhu ayemyalile. UMose no-Aroni baliqoqa ibandla phambi kwedwala; wathi kubo: “Yizwani bahlubuki ndini; sizakunivezela yini amanzi kuleli dwala na?” UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya kabili idwala ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, yaphuza inhlangano nemfuyo yayo. USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Njengalokhu ningakholwanga yimi, futhi ningangingcwelisanga phambi kwamehlo abantu bakwa-Israyeli, ngalokho aniyukulingenisa leli bandla ezweni engilinike lona.” Lawa ngamanzi eMeribha, ngokuba abantu bakwa-Israyeli balwa noSimakade, Yena wazibonakalisa engcwele phakathi kwabo.

UNumeri 20:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Abantwana bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi. Kwakungekho manzi lapho kuyo inhlangano; babahlanganyela oMose no-Aroni. Abantu balwa noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi ngabe safa ekufeni kwabafowethu phambi kukaJehova. Niletheleni ibandla likaJehova kuleli hlane, ukuze sifele lapha, thina nezinkomo zethu, na? Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kule ndawo embi, na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane, noma eyemivini, noma eyamapomegranati,* kungekho futhi amanzi okuphuza.” OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Thabatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo; uyakubavezela amanzi edwaleni, ukuze unike inhlangano nezinkomo zayo ukuphuza.” UMose wathabatha intonga phambi kukaJehova, njengalokho eyalile. OMose no-Aroni babutha ibandla phambi kwedwala; wathi-ke kubo: “Yizwani manje nina bahlubuki; siyakunivezela yini amanzi kuleli dwala na?” UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, inhlangano yaphuza kanye nezinkomo zayo. UJehova wathi kuMose naku-Aroni: “Njengokuba anikholwanga yimi ukungingcwelisa emehlweni abantwana bakwa-Israyeli, ngalokho aniyikungenisa leli bandla ezweni engibanike lona.” Lokhu kwakungamanzi aseMeriba, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balwa noJehova, wangcweliswa kubo.

UNumeri 20:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona. Kwakungekho manzi enhlangano, yabuthana ngokumelene noMose no-Aroni. Abantu baphikisana noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi nga safa lapho abafowethu bafa phambi kukaJehova! Niletheleni ibandla leNkosi kuleli hlane, ukuze sifele khona thina nemfuyo yethu? Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba nisilethe kule ndawo embi na? kayisiyo indawo yembewu, lamakhiwane, lemivini, lamapomegranati; futhi awekho amanzi okuphuza. Kwathi uMozisi loAroni besuka ebandleni besiya emnyango wethente lenhlangano, bawa ngobuso, inkazimulo yeNKOSI yabonakala kubo. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Thatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume nedwala phambi kwamehlo ayo; futhi uyonika amanzi awo, futhi kumelwe ubakhiphele amanzi edwaleni; uyakuphuzisa ibandla nezinkomo zalo. UMose wathatha intonga phambi kukaJehova, njengalokho emyalile. OMose no-Aroni babutha inhlangano phambi kwedwala, bathi kuyo: “Lalelani nina bahlubuki! siyakunikhiphela amanzi kuleli dwala na? Khona-ke uMose waphakamisa isandla sakhe walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, futhi amanzi aphuma maningi, inhlangano yaphuza kanye nemfuyo yayo. INkosi yasisithi kuMozisi lakuAroni: Ngoba lingakholwanga kimi ukungingcwelisa phambi kwamehlo abantwana bakoIsrayeli, ngakho kaliyikungenisa lelibandla elizweni engilinika lona. Lawa angamanzi aseMeriba; ngoba abantwana bakwa-Israyeli baphikisana neNkosi, futhi wangcweliswa kubo.