UNumeri 19:1-22
UNumeri 19:1-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: “Lokhu kuyisimiso somthetho uSimakade ayale ngaso ukuba usitshele abantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Mabalethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, esingasoleki, esingakaze siboshelwe ejokeni, basinike u-Eleyazare umphristi, yena asikhiphele ngaphandle kwenkambu, asihlabe phambi kwakhe. U-Eleyazare umphristi, uyothatha igazi laso ngomunwe wakhe, achinse ngalo kasikhombisa ngaphambi kwethende lokuhlangana. Isithole uyosishisa phambi kwakhe, nesikhumba saso, nenyama yaso, negazi laso, nomswani waso. Umphristi uyothatha umsedari, ihisophi, nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole. Umphristi uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi ngaphambi kokuyongena enkanjini; abe ngongcolileyo kuze kuhlwe. Oshisa leso sithole uyohlanza izingubo zakhe ngamanzi, ageze nomzimba wakhe, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe. “ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, ayowuchitha ngaphandle kwenkambu endaweni ehlambulukileyo, uyakugcinelwa inhlangano yabantu bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuhlambulula; ungumnikelo wesono. Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolileyo kuze kube kusihlwa. Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kubantu bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobele phakathi kwabo. “ ‘Othinta isidumbu sanoma yimuphi umuntu uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa. Uyozihlambulula ngamanzi ngosuku lwesithathu, ngosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka. Kodwa uma engazihlambululanga ngawo ngosuku lwesithathu, akayukuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa. Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angazihlambululi ekungcoleni, uyongcolisa ithabanakeli likaSimakade. Lowo muntu uyonqunywa kwa-Israyeli, lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, uyakuhlala engongcolile; ukungcola kwakhe kungasuki kuye. “ ‘Nanku umthetho uma umuntu efela ethendeni: yilowo nalowo ongena ethendeni nalowo osethendeni uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa. Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile. “ ‘Yilowo nalowo othinta obulewe ngenkemba endle, noma ozifele nje, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa. “ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo bakuthele ndawonye esitsheni, umuntu ohlambulukileyo uyothatha ihisopi, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo ithende, nezitsha zonke, nabantu abalapho, nalowo othinte ithambo, noma obuleweyo, noma isidumbu, noma ithuna. Ohlambulukileyo uyofafaza ongahlambulukile ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amhlambulule ngosuku lwesikhombisa, bese ehlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa. Umuntu ongcolileyo futhi ongazihlambululanga, lowo uyakunqunywa ebandleni ngoba engcolise indawo kaSimakade engcwele. Lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, ungcolile. Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; lowo oyofafaza amanzi okuhlambulula, uyakuhlanza izingubo zakhe, nalowo othinta amanzi okuhlambulula uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe. Konke okuyothintwa ngumuntu ongcolileyo kuyoba ngokungcolile; umuntu oyokuthinta uyoba ngongcolileyo kuze kuhlwe.’ ”
UNumeri 19:1-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayalile ngaso ukuthi: ‘Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, singenansolo, okungazange kubekwe ijoka phezu kwaso, nisinike u-Eleyazare umpristi, yena asikhiphele ngaphandle kwekamu,* sihlatshwe phambi kwakhe; u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe, afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso, isithole sishiswe phambi kwakhe, isikhumba saso, nenyama yaso, negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe; umpristi uyakuthabatha umsedari,* nehisopi,* nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole. Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu,* umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe. Osishisayo uyakuhlanza izingubo zakhe ngamanzi, ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe. “ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, awubekele ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo, ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuphothula; kungumnikelo wesono. Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo. “ ‘Othinta isidumbu somuntu uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu, nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa. Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele* likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye. “ ‘Nanku umthetho, uma umuntu efela etendeni: yilowo nalowo ongena etendeni nalowo osetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile. “ ‘Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba, noma isidumbu, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. “ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo ayakuthelwa kanye nawo esitsheni, umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisopi,* aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende, nezitsha zonke, nabantu ababelapho, nowathinta ithambo, noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna, umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amphothule ngosuku lwesikhombisa, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa. Kepha umuntu ongcolayo engaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwebandla, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; ungcolile. Kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; ofafaza amanzi okuphothula uyakuhlanza izingubo zakhe, nothinta amanzi okuphothula uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe. Lokhu umuntu ongcolileyo akuthintayo kuyakuba ngokungcolile; umuntu okuthintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.’ ”
UNumeri 19:1-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: Lokhu kungukuqiniswa komthetho uJehova ayala ngawo ngokuthi: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi banilethele inkomo ebomvu engenasici, engenasici, engabekwanga joka. Kumelwe ulinike u-Eleyazare umpristi, ukuze amkhiphele ngaphandle kwekamu, futhi othile kumelwe alibulale phambi kobuso bakhe. Umpristi u-Eleyazare kumelwe athathe igazi lakhe ngomunwe wakhe, afafaze elinye legazi lakhe kasikhombisa phambi kwetende lokuhlangana. Umuntu kumelwe ayishise inkomo phambi kwamehlo akhe; kumelwe ashise isikhumba salo nenyama yalo negazi lalo nomquba walo; Umpristi kumelwe athathe ukhuni lomsedari nehisopi nokubomvu akuphonse phakathi kokusha kwenkomo. Umpristi kumelwe ahlanze izingubo zakhe futhi ageze umzimba wakhe ngamanzi, ngemva kwalokho angene ekamu, umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe. Osishisayo kumelwe ahlanze izingubo zakhe ngamanzi, ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ongcolile kuze kuhlwe. Umuntu ohlanzekile kumelwe abuthe umlotha wethokazi futhi awubeke ngaphandle kwekamu endaweni ehlanzekile, futhi kumelwe ulondolozelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli njengamanzi okuhlukanisa; kuyinhlambululo yesono. Oqoqa umlotha wenkomo kumelwe ahlanze izingubo zakhe abe ongcolile kuze kuhlwe; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo. Othinta isidumbu somuntu uzakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. Kumelwe azihlanze ngayo ngosuku lwesithathu, futhi ngosuku lwesikhombisa kumelwe abe ohlanzekile; kepha uma engazihlambululi ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa. Yilowo nalowo othinta isidumbu sofileyo, angaziphothuli, ungcolisa itabernakele likaJehova; lowo mphefumulo kumelwe unqunywe kwa-Israyeli; ngokuba amanzi okuphothula engafafazwanga phezu kwakhe, uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kusephezu kwakhe. Nanku umthetho uma umuntu efela etendeni: wonke ongena etendeni nakho konke okusetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. Zonke izinto ezivuliwe okungaboshelwa kuzo zingcolile. Noma yimuphi othinta endle obulewe ngenkemba, noma ofileyo noma ithambo lomuntu noma ithuna, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. Kumelwe bathathele ongcolile emlotheni wenkomo yokushiswa yesihlambululo sesono, kuthelwe kuwo amanzi agelezayo ngesitsha. Umuntu ohlanzekile kumelwe athathe ihisopi alicwilise emanzini awafafaze phezu kwetende naphezu kwazo zonke izitsha naphezu kwabantu ababelapho, nakulowo othinte umlenze noma oshaywayo noma onawo. Ukufa, noma ithuna: Ohlanzekile kumelwe afafaze ongcolile ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa; ngosuku lwesikhombisa uyakuzihlanza, ageze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, kuthi kusihlwa ahlambuluke. Kepha umuntu ongcolile, angaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa ebandleni, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuhlukanisa awafafazwanga phezu kwakhe; ungcolile. Kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ukuthi ofafaza amanzi okuhlukanisa makahlanze izingubo zakhe; othinta amanzi okuphothula uzakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe. Konke okuthinta ongcolileyo kuyakuba ngokungcolile; nomphefumulo oyithintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.