UNehemiya 13:1-2 - Compare All Versions

UNehemiya 13:1-2 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngalolo lusuku abantu bafundelwa incwadi yomthetho kaMose, kwafika endaweni lapho okwakubhalwe khona ukuthi akukho muntu wakwa-Amoni noma wakwaMowabi okufanele avunyelwe nanini ukuba yingxenye yebandla labantu bakaNkulunkulu, ngoba labo bantu benqaba ukunika abakwa-Israyeli ukudla namanzi, kunalokho baqasha uBhalamu ukuba abaqalekise, kodwa uNkulunkulu wethu waguqula isiqalekiso saba yisibusiso.

UNehemiya 13:1-2 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngalolo suku kwafundwa encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; kwafunyanwa kulotshiwe kuyo ukuthi owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade, ngokuba abahlangabezanga abakwa-Israyeli ngesinkwa namanzi, kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.

UNehemiya 13:1-2 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngalolo suku bafunda encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; futhi kwatholakala kulo ukuthi abakwa-Amoni nabakwaMowabi abayikungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade; Ngokuba abahlangabezanga abantwana bakwa-Israyeli ngesinkwa nangamanzi, kepha babaqasha uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.