UNehemiya 10:39 - Compare All Versions

UNehemiya 10:39 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Abakwa-Israyeli nabaLevi bayoletha okweshumi kokusanhlamvu, okwewayini namafutha omnqumo emagunjini lapho kugcinwe khona izitsha zendlu engcwele, nalapho kuhlala khona abaphristi, abalindisango nabaculi. Asiyukuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.”

UNehemiya 10:39 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi babeyakukhuphulela umnikelo wamabele, newayini, namafutha emakamelweni, lapho kukhona izitsha zendlu engcwele, nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli; besingenakuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.

UNehemiya 10:39 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi bayakuletha umnikelo kakolweni, owewayini, nowamafutha emakamelweni, lapho izitsha zendlu engcwele, nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli, futhi ngeke siyishiye indlu kaNkulunkulu wethu.