UNehemiya 1:6 - Compare All Versions

UNehemiya 1:6 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Beka indlebe yakho, ubheke ngamehlo akho, uzwe umkhuleko wenceku yakho ewukhuleka kuwe namuhla, imini nobusuku, ikhulekela izinceku zakho, abantu bakwa-Israyeli, ivuma izono zabakwa-Israyeli, esone ngazo kuwe. Mina nomndeni wami sonile.

UNehemiya 1:6 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa-Israyeli esone ngazo kuwe; yebo, nami nendlu kababa sonile.

UNehemiya 1:6 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Manje izindlebe zakho mazilalele, uvule amehlo akho, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwuthandaza manje phambi kwakho, imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli, izinceku zakho, nezono zabantwana bakwa-Israyeli. Singavuma, ukuthi sonile kuwe: mina nendlu kababa sonile.