NgokukaMarku 8:1-10
NgokukaMarku 8:1-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalezo zinsuku isixuku sasisikhulu kakhulu, singenalutho lokudla, uJesu wabizela kuye abafundi bakhe, wathi kubo: Ngiyasihawukela ixuku, ngoba sekuyizinsuku ezintathu lihlezi lami lingelakudla; Uma ngibamukisa ezindlini zabo bengadlanga, bayakuphelelwa amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude. Abafundi bakhe bamphendula bathi: “Kungavelaphi umuntu ukubasuthisa laba ngesinkwa lapha ehlane na? Wababuza wathi: Zingaki izinkwa eninazo? Basebesithi: Ziyisikhombisa. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi emhlabathini; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, ukuba bababele; bazibeka phambi kwabantu. Babanezinhlanzana eziyingcosana; wabusisa, wathi mazibekwe phambi kwabo nazo. Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa. Abadlayo babengaba yizinkulungwane ezine; wayesebamukisa. Wasengena masinyane emkhunjini kanye labafundi bakhe, waya emaphandleni aseDalmanutha.
NgokukaMarku 8:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngalezo zinsuku kwabuye kwabuthana izindimbane zabantu, kepha babengenakudla. UJesu wabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuphele izinsuku ezintathu sinami, futhi singenakho esingakudla. Uma ngisihambisa silambile, sibuyele emakhaya, siyophelelwa ngamandla endleleni, ngokuba abanye baso bavela kude.” Abafundi bakhe bamphendula, bathi: “Umuntu angazithatha kuphi izinkwa lapha ehlane ezingasuthisa laba bantu na?” Wababuza abafundi bakhe, wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa.” Wayeseyala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wabanika abafundi bakhe ukuze basabele; basabela-ke isixuku. Babenezinhlanzana futhi eziyingcosana; nazo wazibusisa, wabayala ukuba basabele zona. Abantu badla, basutha, babutha imvuthuluka eningi eyayisele, yagcwala iziqabetho eziyisikhombisa. Babebalelwa ezi-4 000; wayesebamukisa. Esengene masinyane esikebheni nabafundi bakhe, waya esifundeni eDalimanutha.
NgokukaMarku 8:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalezo zinsuku sekukhona futhi isixuku esikhulu singenakudla, wabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla. Uma ngibamukisa, baye ekhaya bengadlanga, bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.” Abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umumtu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?” Wababuza wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa.” Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku. Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo. Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa. Babengathi izinkulungwane ezine; wabamukisa. Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe, weza ezweni laseDalmanutha.
NgokukaMarku 8:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)