NgokukaMarku 6:7-13 - Compare All Versions

NgokukaMarku 6:7-13 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Wasebiza abayishumi nambili, waqala ukubathuma ngababili; wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo; Wabalaya ukuthi bangaphathi lutho lwendlela, ngaphandle kodondolo lodwa; nasikhwama, nasinkwa, namali emixhakeni yabo; Kodwa bagqoke izimbadada; futhi lingagqoki amabhantshi amabili. Wathi kubo: “Nomaphi lapho ningena khona endlini, hlalani khona nize nimuke kuleyo ndawo. Nabaninganamukeli, enganizwa, anothi nimuka lapho, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iSodoma neGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi. Basebephuma batshumayela ukuthi abantu baphenduke. Bakhipha amademoni amaningi, bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha, babaphulukisa.

NgokukaMarku 6:7-13 ZUL20 (IsiZulu 2020)

UJesu wayesebiza abali-12, waqala ukubathuma ngababili, wabanika igunya lokukhipha omoya abangcolileyo. Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, baphathe kuphela udondolo; bangaphathi sinkwa, sikhwama sokuthekela, namali emigodleni yabo. Bafake izicathulo, kepha bangembathi amabhantshi amabili. Wayesethi kubo: “Nakuyiphi indlu eniyakungenisa kuyo, hlalani kuyo nize nihambe lapho. Noma kuyiphi indawo lapho bengayukunamukela khona, nalapho bengayukunilalela khona, anothi uma senisuka kuyo, nithintithe uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, lokho kube ngubufakazi kubo.” Bahamba-ke beshumayela ukuba abantu baphenduke. Bakhipha amadimoni amaningi, bagcoba abaningi abagulayo ngamafutha, babaphulukisa.

NgokukaMarku 6:7-13 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Wayesebabiza abayishumi nambili, waqala ukubathuma ngababili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo. Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, kuphela udondolo lodwa, bangaphathi nasinkwa, nasikhwama, nathusi emixhakeni, kepha bafake izicathulo, bangembathi kodwa amabhantshi amabili. Wathi kubo: “Nakuphi lapho ningena khona endlini, hlalani kuyo, nize nimuke khona. Nayiphi indawo engayikunamukela, nalapho bengayikunizwa khona, anothi nimuka kuyo, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo.” Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke. Bakhipha amademoni amaningi, bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha, babaphulukisa.

NgokukaMarku 6:7-13 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)