NgokukaMarku 5:21-43

NgokukaMarku 5:21-43 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi uJesu esephinde wawelela ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana kuye isixuku esikhulu; Bheka, kwafika omunye wabaphathi besinagoge, nguJayiru igama lakhe; kwathi embona wawa ngasezinyaweni zakhe. Wamncenga kakhulu, esithi: “Indodakazi yami encane isigulela ukufa; njalo uzaphila. UJesu wayesehamba naye; abantu abaningi bamlandela, bamminyezela. Owesifazane othile owayenomopho iminyaka eyishumi nambili. Esehlupheke ngokunengi kubelaphi abanengi, esechithe konke ayelakho, njalo engasizakalanga, kodwa kwaba kubi kakhulu; Kwathi esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngemva, wathinta isembatho sakhe. Ngoba wathi: Uba ngingathinta nje izembatho zakhe, ngizasinda. Njalo wahle woma umthombo wegazi lakhe; wezwa emzimbeni ukuthi uphulukisiwe kuleso sifo. UJesu ebona masinyane phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphenduka esixukwini wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na? Abafundi bakhe bathi kuye: Uyabona ixuku likuminyezela, uthi: Ngubani ongithintileyo? Wasethalaza ukuze abone okwenzileyo lokho. Kodwa owesifazana ngokwesaba lokuthuthumela, ekwazi okwenzekileyo kuye, weza wawa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke. Wathi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ngokuthula, uphile ekuhluphekeni kwakho. Esakhuluma, kwafika abanye bendlu yomphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na? Kwathi uJesu esezwile ilizwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge: Ungesabi, kholwa kuphela. Akavumelanga muntu ukuba amlandele, kuphela uPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe. Wafika endlini yomphathi wesinagoge, wabona isiyaluyalu nabakhala nabalila kakhulu. Esengenile wathi kubo: “Kungani niphithizela nikhale na? Intombazana ayifile, kodwa ilele. Basebemhleka usulu. Kepha esebakhiphe bonke, wathatha uyise womntwana nonina nababe naye, wangena lapho bekulele khona intombazana. Wabamba isandla somntwana, wathi kuye: “Thalitha, kumi; okungukuthi ngokuhunyushwa: Ntombakazi, ngithi kuwe: Vuka. Yasivuka masinyane intombazana, yahamba; ngoba wayeneminyaka eyishumi nambili. Bamangala ngokumangala okukhulu. Wasebalaya kakhulu ukuthi kungaziwa muntu; walaya ukuthi aphiwe ukudla.

NgokukaMarku 5:21-43 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kuthe uJesu esewelele ngaphesheya futhi ngesikebhe, kwabuthana izindimbane zabantu kuye, engasolwandle. Kwafika omunye wabaphathi besinagoge, ogama lakhe nguJayiru. UJayiru wathi angambona uJesu, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe, wamncenga kakhulu, ethi: “Indodakazi yami isiyalayela, ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isinde, iphile.” UJesu wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samminyanisa. Kwakukhona owesifazane owayenomopho iminyaka eli-12. Wayehluphekile kakhulu, ehla enyuka ezinyangeni eziningi, futhi esechithe konke ayenakho, kodwa kunhlanga zimuka nomoya; kubhebhetheka okwakumphethe. Esezwile ngoJesu, waya esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo kaJesu, ngokuba wathi: “Uma nje ngingathinta izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Masinyane, umthombo wegazi lakhe wanqamuka, wezwa emzimbeni wakhe ukuthi usesindile esifeni ebesimhlupha. Kwathi uJesu angezwa kuye ukuthi amandla aphumile, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?” Abafundi bakhe bathi kuye: “Ingani uyabona ukuthi isixuku sikuminyanisile. ‘Pho ubuzelani ukuthi ngubani okuthintileyo na?’ ” Waqalaza ukuba abone ukuthi ngubani owayenze lokho. Kepha owesifazane ekwazi okwakwenzekile kuye, wesaba, wathuthumela, weza waziphonsa phansi phambi kukaJesu, wamtshela lonke iqiniso. UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile, hamba ngokuthula; uphulukisiwe enhluphekweni yakho.” Kuthe uJesu esakhuluma, kwafika abanye bevela endlini kaJayiru, umphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?” Kwathi ukuba uJesu akuzwe lokho abakushoyo, wathi kumphathi wesinagoge: “Ungesabi, kholwa nje kuphela.” Akavumelanga muntu ukuba amlandele ngaphandle kukaPhethro, uJakobe, noJohane, umfowabo kaJakobe. Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge. UJesu wabona isiyaluyalu; abakhalayo, nababelila kakhulu. Esengenile wathi kubo: “Niyaluzelani, futhi nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.” Bamhleka usulu. Kepha esebakhiphile bonke ababesendlini, wathatha uyise nonina womntwana nababenaye, wangena nabo lapho umntwana ayekhona. Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha khumi,” okungukuthi uma kuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!” Masinyane intombazane yavuka, yahamba, ngokuba yayineminyaka eli-12. Khona lapho bamangala ngokumangala okukhulu. UJesu wabadonsa ngendlebe ukuba lokhu kungaziwa muntu, futhi wabatshela ukuba bayiphe ukudla intombazane.

NgokukaMarku 5:21-43 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle. Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge,* nguJayiru igama lakhe, owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe, wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.” Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela. Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka, esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe, ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe. Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?” Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ” Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho. Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.” Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge,* bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?” Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge*: “Ungesabi, kholwa kuphela.” Akavumelanga muntu amlandele, kuphela oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe. Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge,* wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu. Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.” Bamhleka usulu. Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana. Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha, kumi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!” Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu. Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu; futhi wathi mayiphiwe ukudla.

NgokukaMarku 5:21-43 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)