NgokukaMarku 2:13-28
NgokukaMarku 2:13-28 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wabuye waphuma waya ngaselwandle; ixuku lonke laselisiza kuye, wabafundisa. Esadlula, wabona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele. Wasukuma wamlandela. Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe, nabathelisi abaningi nezoni babehlezi noJesu nabafundi bakhe, ngokuba babebaningi, bamlandela. Kwathi ababhali labaFarisi bembona esidla labathelisi lezoni, bathi kubafundi bakhe: Kungani esidla lokusela labathelisi lezoni? UJesu ekuzwa wathi kubo: “Abaphilayo abamdingi umelaphi, kodwa abagulayo kuphela. Kepha abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi babezila ukudla, beza bathi kuye: “Kungani abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bezila ukudla, kepha abafundi bakho abazili na? UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangazila yini ukudla, umyeni esenabo na? inqobo nje uma umyeni ekanye nabo, abanakuzila ukudla. Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku. Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.” Kwasekusithi edabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe baqala ukuhamba ukukha izikhwebu. AbaFarisi bathi kuye: “Bheka, benzani ngesabatha okungavunyelwe na? Wathi kubo: “Anizange nifunde yini uDavida akwenzayo lapho eswele, elambile, yena nababe naye? Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu ezinsukwini zika-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa, ezingavunyelwe ukudliwa ngabapristi kuphela, wanika nababe naye? Wasesithi kubo: Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu kasenzelwanga isabatha. Ngakho iNdodana yomuntu iyiNkosi leyesabatha.
NgokukaMarku 2:13-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wayesephuma futhi, waya ngasolwandle; sonke isixuku seza kuye, wayesesifundisa. Kwathi edlula, wabona uLevi ka-Alifewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wathi lacu, wamlandela. Kuthe uJesu ehlezi edla endlini kaLevi, kwangena abathelisi abaningi nezoni, bahlala etafuleni noJesu nabafundi bakhe, ngokuba babebaningi bemlandela. Izazimthetho ezingabaFarisi, zibona ukuthi uJesu udla nezoni nabathelisi, zathi kubafundi bakhe: “Kungani ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu esekuzwile lokho, wathi kuzo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa idingwa ngabagulayo kuphela. Mina angizelanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.” Abafundi bakaJohane nababaFarisi babezila ukudla. Abathile baya kuJesu, bathi kuye: “Kwenziwa yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?” UJesu wathi kubo: “Kambe ikhetho lingazila yini umyeni esahlezi nalo na? Phinde neze, alisoze lazila uma umyeni esenalo. Kepha izinsuku ziyeza, lapho umyeni ezakususwa kulo; yilapho-ke lizakuzila ngalolo lusuku. Akekho othungela isichibi esingashukekile engutsheni endala, funa lokhu okusha okuchitshelwe ngakho kuklebhule lokhu okudala, bese kwanda ukuklebhuka. Akekho futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa liqhumise izimvaba, bese kuchitheka iwayini, nezimvaba ziqhekezeke. Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.” Kwathi ngesabatha edabula emasimini okusanhlamvu, abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu bedlula. AbaFarisi bathi kuye: “Kungani abafundi bakho benze okungavumelekile ngesabatha na?” Wathi kubo: “Kanti anifundanga yini ngokwenziwa nguDavide mhla eswele, futhi elambile, yena nayehamba nabo na? Akangenanga yini endlini kaNkulunkulu ngesikhathi sika-Abhiyathara, umphristi omkhulu, wadla izinkwa zobukhona bukaNkulunkulu ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngaphandle kwabaphristi kuphela, wayesenika nababenaye na?” UJesu wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha. Ngokunjalo-ke, iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho neyesabatha imbala.”
NgokukaMarku 2:13-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Waphuma futhi, waya ngaselwandle; isixuku sonke sabantu seza kuye, wabafundisa. Wathi edlula, wambona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke, wamlandela. Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe, abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela. Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.” Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla; beza bathi kuye: “Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?” UJesu wathi kubo: “Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile. Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku. Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.” Kwathi edabula amasimu ngesabatha, abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba. Base bethi kuye abaFarisi: “Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?” Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?” Wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha. Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.”
NgokukaMarku 2:13-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)