NgokukaMarku 15:1-41

NgokukaMarku 15:1-41 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu benza icebo namalunga nababhali nomphakathi wonke, bambopha uJesu bamuka naye, bamnikela kuPilatu. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? Wasephendula wathi kuye: Utsho wena. Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi, kepha akaphendulanga lutho. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? bheka ukuthi zingaki izinto abafakaza ngazo ngawe. Kodwa uJesu akaphendulanga lutho; waze wamangala uPilatu. Kepha ngomkhosi wayebakhululela isiboshwa sibe sinye, abasicelayo. Kwakukhona umuntu othiwa nguBarabasi, ebotshiwe kanye lababevukele umbuso laye, ababebulele ekuvukeleni umbuso. Isixuku sase simemeza saqala ukucela ukuba enze njengalokho ebevame ukwenza kubo. Kodwa uPilatu wabaphendula wathi: Lithanda ukuthi ngilikhululele inkosi yabaJuda yini? Ngoba wayesazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba kungcono abakhululele uBaraba. UPilatu waphinda waphendula, wathi kubo: Pho-ke nithanda ukuba ngimenzeni enithi uyinkosi yabaJuda na? Basebememeza futhi, besithi: Mbethele! UPilatu wasesithi kubo: Ngoba enze ububi bani? Basebememeza kakhulukazi, besithi: Mbethele esiphambanweni! Ngakho uPilatu ethanda ukukholisa ixuku, wabakhululela uBaraba; Amasosha amyisa egcekeni elithiwa iPretorio; balibizela ndawonye iviyo lonke. Bamembathisa okububende, baluka umqhele wameva, bawubeka ekhanda lakhe. Basebeqala ukumbingelela besithi: Bayede, Nkosi yabaJuda! Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. Sebemklolodele, bamhlubula okububende, bamgqokisa ezakhe izingubo, amkhiphela phandle ukuyombethela esiphambanweni. Base becindezela odlulayo othile, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. Bamyisa endaweni yaseGolgotha, okungukuthi ngokuhunyushwa, Indawo Yokhakhayi. Amnika iwayini elixutshwe nemore ukuba aliphuze; Sebembethele esiphambanweni, babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa ngazo, ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani. Kwakuyihora lesithathu bambethela esiphambanweni. Umbhalo wecala lakhe wawulotshiwe phezu kokuthi: INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili; omunye ngakwesokunene, lomunye ngakwesokhohlo sakhe. Kwasekugcwaliseka umbhalo othi: Wabalwa kanye lezoni. Labadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo, besithi: Hawu, wena odiliza ithempeli, ulakhe ngensuku ezintathu! Zisindise, wehle esiphambanweni. Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali, bathi: “Abanye wabasindisa; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. UKristu iNkosi yakoIsrayeli akehle khathesi esiphambanweni, ukuze sibone sikholwe. Nababebethelwe kanye naye bamthuka. Kwathi sekufikile ihola lesithupha, kwaba lobumnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba lihola lesificamunwemunye. Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani? okungukuthi ngokuhunyushwa: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Labanye kwababemi khona besizwa bathi: Khangelani, ubiza uEliya. Wasegijima omunye, wagcwalisa uzipho ngeviniga, waluhloma emhlangeni, wamnika ukuthi anathe, esithi: Yekelani; ake sibone ukuthi uEliya uzakuza ukumehlisa yini. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, waphuma. Iveyili lethempeli ladabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi. Kwathi induna yekhulu eyayimi maqondana laye ibona ukuthi wakhala ngokunjalo wafa, yathi: Ngeqiniso lumuntu ubeyiNdodana kaNkulunkulu. Kwakukhona nabesifazane bebukele bekude, phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncinyane nokaJose, noSalome; labo labo, eseGalile, bamlandela, bemkhonza, labanye abesifazana abanengi abenyukela laye eJerusalema.

NgokukaMarku 15:1-41 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Masinyane, ekuseni, abaphristi abakhulu, amalunga, izazimthetho nomkhandlu wonke bakha icebo, base bembopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu. UPilatu wambuza, wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Waphendula wathi kuye: “Usushilo.” Abaphristi abakhulu bamethwesa amacala amaningi. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuziphenduleli ngalutho na? Bheka nje ukuthi maningi kangakanani amacala abakwethwesa wona.” Kepha uJesu akabuyanga waphendula utho, waze wamangala uPilatu. Kwakuthi njalo ngesikhathi somkhosi, uPilatu abakhululele isiboshwa sibe sinye abasicelileyo. Kwakukhona omunye owayebizwa ngoBharabha, owayeboshwe namahlubuka, okwathi ngesikhathi sokuhlubuka, babulala umuntu. Isixuku sakhuphuka saya kuPilatu siyomcela ukuba asenzele njengalokhu ayejwayele ukusenzela. Kepha uPilatu wabaphendula, wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?” UPilatu wayazi kahle ukuthi abaphristi abakhulu bamnikele ngenxa yomona. Kepha abaphristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba sithi kungcono asikhululele uBharabha. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho nithi angenzenjani ngalona enithi uyinkosi yabaJuda na?” Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!” Kepha uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele!” Khona uPilatu ethanda ukuthokozisa isixuku wasikhululela uBharabha, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe. Amabutho ayesemhola, amngenisa endlini ethiwa iPhrethoriyu, aqoqela ndawonye lonke ibutho. Amembathisa ingubo ebukhwebezane, amethwesa umqhele ayeweluke ngameva. Aqala ukumkhulekela, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. Esembhinqile, amhlubula ingubo ebukhwebezane, amembathisa izingubo zakhe, ayesephuma naye ukuba ayombethela esiphambanweni. Baphoqa umuntu owayedlula ngendlela, evela endle, okwakuthiwa uSimoni waseKhurene, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba amthwalele isiphambano. Amabutho amyisa endaweni okuthiwa yiGolgotha okungukuthi: “INdawo Yekhanda.” Amnika iwayini elalixutshwe nemure, kodwa akalemukelanga. Ambethela esiphambanweni, abelana ngezingubo zakhe ngokwenza unkatho, ukuze kwazeke ukuthi yilowo nalowo uthathani. Kwase kuyihora lesithathu ngesikhathi embethela esiphambanweni. Umbhalo wecala abekwe lona wawulotshwe phezulu esiphambanweni sakhe, uthi: INKOSI YABAJUDA. Kwakunabaphangi ababili ababebethelwe kanye naye, omunye engakwesokunene sakhe, omunye engakwesokhohlo sakhe. Wagcwaliseka kanjalo umbhalo othi: “Wabalwa kanye nezelelesi.” Ababedlula lapho bamhlambalaza, benikina amakhanda, bethi: “Ashila, wena odiliza ithempeli ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, wehle esiphambanweni.” Kanjalo nabaphristi abakhulu nezazimthetho, bambhinqa, bathi: “Wasindisa abanye, kodwa akakwazi ukuzisindisa. UKhristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.” Nababebethelwe naye, bamhlambalaza. Ngehora lesithupha kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloyi, Eloyi, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye balabo ababemi lapho bekuzwa lokho, bathi: “Niyamuzwa-ke, ubiza u-Eliya.” Omunye wagijima, wagcwalisa ilula ngoviniga walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani sibone ukuthi u-Eliya uzokuza yini azomehlisa.” UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa. Isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusuka phezulu kuze kufike phansi. Kepha induna yekhulu eyayimi lapho iqondene naye, kwathi lapho imbona efa, yathi: “Impela lo muntu ubeyiNdodana kaNkulunkulu.” Kwakukhona nabesifazane ababebukela, bebuqamama. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uSalome, uMariya ozala uJakobe omncane noJose. Laba babengabalandeli bakaJesu eseseGalile, bemkhonza. Kwakunabanye futhi abesifazane abaningi ababenyukele naye eJerusalema.

NgokukaMarku 15:1-41 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Waphendula, wathi kuye: “Usho khona.” Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.” Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu. Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo. Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni. Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela. Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?” Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?” Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!” Kodwa uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele esiphambanweni!” Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni. Amabutho ayesemngenisa phakathi endlini ethiwa iPretoriyu, abizela ndawonye ibutho lonke. Ayesemembathisa ingubo ebubende, amcwashelisa ngomqhele ayeweluke ngameva. Aqala ukumkhulekela, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. Esembhinqile amhlubula ingubo ebubende, amembathisa izingubo zakhe. Ayesephuma naye ukuba ambethele esiphambanweni. Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. Ayesemyisa endaweni yaseGolgotha okungukuthi ngokuhunyushwa iNdawo Yekhanda. Amnika iwayini elixutshwe nemure;* kepha akalamukelanga. Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani. Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni. Umbhalo wecala lakhe ubulotshiwe ngaphezulu wokuthi: INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe. Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: “Wabalwa kanye naboni.” Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu; zisindise, wehle esiphambanweni.” Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali, bathi: “Wasindisa abanye, angezisindise yena. UKristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.” Nababebethelwe kanye naye bamdumaza. Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Bheka, ubiza u-Eliya.” Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.” UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa. Khona isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi. Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo, yathi: “Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu.” Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome ababemlandela eseseGalile, bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema.

NgokukaMarku 15:1-41 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)