NgokukaMarku 15:1-20

NgokukaMarku 15:1-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu benza icebo namalunga nababhali nomphakathi wonke, bambopha uJesu bamuka naye, bamnikela kuPilatu. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? Wasephendula wathi kuye: Utsho wena. Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi, kepha akaphendulanga lutho. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? bheka ukuthi zingaki izinto abafakaza ngazo ngawe. Kodwa uJesu akaphendulanga lutho; waze wamangala uPilatu. Kepha ngomkhosi wayebakhululela isiboshwa sibe sinye, abasicelayo. Kwakukhona umuntu othiwa nguBarabasi, ebotshiwe kanye lababevukele umbuso laye, ababebulele ekuvukeleni umbuso. Isixuku sase simemeza saqala ukucela ukuba enze njengalokho ebevame ukwenza kubo. Kodwa uPilatu wabaphendula wathi: Lithanda ukuthi ngilikhululele inkosi yabaJuda yini? Ngoba wayesazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba kungcono abakhululele uBaraba. UPilatu waphinda waphendula, wathi kubo: Pho-ke nithanda ukuba ngimenzeni enithi uyinkosi yabaJuda na? Basebememeza futhi, besithi: Mbethele! UPilatu wasesithi kubo: Ngoba enze ububi bani? Basebememeza kakhulukazi, besithi: Mbethele esiphambanweni! Ngakho uPilatu ethanda ukukholisa ixuku, wabakhululela uBaraba; Amasosha amyisa egcekeni elithiwa iPretorio; balibizela ndawonye iviyo lonke. Bamembathisa okububende, baluka umqhele wameva, bawubeka ekhanda lakhe. Basebeqala ukumbingelela besithi: Bayede, Nkosi yabaJuda! Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. Sebemklolodele, bamhlubula okububende, bamgqokisa ezakhe izingubo, amkhiphela phandle ukuyombethela esiphambanweni.

NgokukaMarku 15:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Masinyane, ekuseni, abaphristi abakhulu, amalunga, izazimthetho nomkhandlu wonke bakha icebo, base bembopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu. UPilatu wambuza, wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Waphendula wathi kuye: “Usushilo.” Abaphristi abakhulu bamethwesa amacala amaningi. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuziphenduleli ngalutho na? Bheka nje ukuthi maningi kangakanani amacala abakwethwesa wona.” Kepha uJesu akabuyanga waphendula utho, waze wamangala uPilatu. Kwakuthi njalo ngesikhathi somkhosi, uPilatu abakhululele isiboshwa sibe sinye abasicelileyo. Kwakukhona omunye owayebizwa ngoBharabha, owayeboshwe namahlubuka, okwathi ngesikhathi sokuhlubuka, babulala umuntu. Isixuku sakhuphuka saya kuPilatu siyomcela ukuba asenzele njengalokhu ayejwayele ukusenzela. Kepha uPilatu wabaphendula, wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?” UPilatu wayazi kahle ukuthi abaphristi abakhulu bamnikele ngenxa yomona. Kepha abaphristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba sithi kungcono asikhululele uBharabha. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho nithi angenzenjani ngalona enithi uyinkosi yabaJuda na?” Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!” Kepha uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele!” Khona uPilatu ethanda ukuthokozisa isixuku wasikhululela uBharabha, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe. Amabutho ayesemhola, amngenisa endlini ethiwa iPhrethoriyu, aqoqela ndawonye lonke ibutho. Amembathisa ingubo ebukhwebezane, amethwesa umqhele ayeweluke ngameva. Aqala ukumkhulekela, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. Esembhinqile, amhlubula ingubo ebukhwebezane, amembathisa izingubo zakhe, ayesephuma naye ukuba ayombethela esiphambanweni.

NgokukaMarku 15:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Waphendula, wathi kuye: “Usho khona.” Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.” Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu. Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo. Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni. Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela. Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?” Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?” Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!” Kodwa uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele esiphambanweni!” Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni. Amabutho ayesemngenisa phakathi endlini ethiwa iPretoriyu, abizela ndawonye ibutho lonke. Ayesemembathisa ingubo ebubende, amcwashelisa ngomqhele ayeweluke ngameva. Aqala ukumkhulekela, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. Esembhinqile amhlubula ingubo ebubende, amembathisa izingubo zakhe. Ayesephuma naye ukuba ambethele esiphambanweni.

NgokukaMarku 15:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)