NgokukaMarku 12:38-44
NgokukaMarku 12:38-44 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wasesithi kubo ekufundiseni kwakhe: Xwayani ababhali, abathanda ukuhamba bembethe izembatho ezinde, lokubingelelwa ezigcawini; lezihlalo eziqakathekileyo emasinagogeni lezihlalo eziphambili emadilini. abadla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa benza imithandazo emide; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu. UJesu wayesehlezi maqondana nesitsha somnikelo, wabona ukuthi isixuku siphonsa kanjani imali esitsheni somnikelo; Kwase kufika umfelokazi othile ompofu, waphonsa amafadingi amabili okuyidenariyo. Wabizela kuye abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke abaphonse emnikelweni womnikelo; Ngokuba bonke baphonse kokuchichima kwabo; kepha yena ekusweleni kwakhe ubeke konke abenakho, konke abeziphilisa ngakho.
NgokukaMarku 12:38-44 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngesikhathi efundisa, wathi: “Xwayani izazimthetho ezithanda ukuhamba zembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, nezihlalo eziphambili emasinagogeni, nezindawo eziqavile emadilini, ezidla izindlu zabafelokazi, zithandaze isikhathi eside, zizenzisa. Laba bayakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu.” UJesu wayesehlala phansi, maqondana nomphongolo womnikelo, wayebuka ukuthi isixuku sinikela kanjani umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babenikela kakhulu. Kepha kwafika umfelokazi ompofu wanikela ngamafadingi amabili, okuyisitebela. Wayesebiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: lo mfelokazi ompofu unikele kakhulu kunabo bonke abanikele emphongolweni, ngokuba bonke bacaphune kokuningi abanakho banikela, kodwa lo mfelokazi ekusweleni kwakhe, unikele ngakho konke anakho, konke abephila ngakho.”
NgokukaMarku 12:38-44 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ekufundiseni kwakhe wathi: “Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nezindawo ezingenhla ekudleni, abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.” Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu. Kwase kufika umfelokazi ompofu wabeka amafadingi* amabili okuyisitebela.* Wayesebabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubekile kakhulu kunabo bonke ababeke emphongolweni, ngokuba bonke babeka kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke anakho, konke abephila ngakho.”
NgokukaMarku 12:38-44 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wasesithi kubo ekufundiseni kwakhe: Xwayani ababhali, abathanda ukuhamba bembethe izembatho ezinde, lokubingelelwa ezigcawini; lezihlalo eziqakathekileyo emasinagogeni lezihlalo eziphambili emadilini. Abadla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa benza imithandazo emide; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu. UJesu wayesehlezi maqondana nesitsha somnikelo, wabona ukuthi isixuku siphonsa kanjani imali esitsheni somnikelo; Kwase kufika umfelokazi othile ompofu, waphonsa amafadingi amabili okuyidenariyo. Wabizela kuye abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke abaphonse emnikelweni womnikelo; Ngokuba bonke baphonse kokuchichima kwabo; kepha yena ekusweleni kwakhe ubeke konke abenakho, konke abeziphilisa ngakho.