NgokukaMarku 10:1-12
NgokukaMarku 10:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eJudiya nangaphesheya kweJordani. Izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengasemihleni. Kwase kusondela abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo. Babemlinga. Kepha waphendula, wathi kubo: “Kanti uMose waniyala wathini na?” Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesehlukaniso, alahlwe.” UJesu wayesethi kubo: “UMose wanibhalela lo myalo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu. Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa, uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokho, indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo. Labo ababili bayakuba nyamanye, ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungehlukaniswa ngumuntu.” Sebesendlini, abafundi babuye bambuza ngalokho. Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, unecala lokuphinga kumkakhe. Nowesifazane uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.”
NgokukaMarku 10:1-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wayesesuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya, ngaphesheya kweJordani; wabuye wabafundisa njengokwejwayela. Kwasekusiza kuye abaFarisi, bambuza bathi: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo? emlinga. Wasephendula wathi kubo: UMozisi walilaya ngani? Basebesithi: UMozisi wavumela ukuloba incwadi yesahlukaniso, lokumala. UJesu waphendula, wathi kubo: Ngobulukhuni benhliziyo yenu walilobela lowomyalo. Kodwa kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokhu indoda izatshiya uyise lonina, inamathele kumkayo; Labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungahlukaniswa muntu. Endlwini abafundi bakhe baphinda bambuza ngayo leyo nto. Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye. Noma owesifazane elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.

NgokukaMarku 10:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe. Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga. Waphendula, wathi kubo: “UMose waniyala ngokuthini na?” Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.” UJesu wayesethi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo. Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.” Besendlini abafundi babuye bambuza ngalokho. Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye. Naye, uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.”
NgokukaMarku 10:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)