NgokukaMathewu 9:18-26
NgokukaMathewu 9:18-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.” Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe. Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe. Ngokuba wayethi phakathi kwakhe: “Uma ngingathinta nje ingubo yakhe, ngizakusindiswa.” UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi. UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo, wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu. Isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana. Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona.
NgokukaMathewu 9:18-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Esakhuluma lokho kubo, bheka, kwafika umbusi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isishonile; Wasuka uJesu, wamlandela, nabafundi bakhe. Bheka, kwafika emva kwakhe owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, wathinta umphetho wengubo yakhe; Ngoba wayesithi phakathi kwakhe: Uba ngingathinta nje isembatho sakhe, ngizasinda. Kepha uJesu waphenduka wambona wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile. Owesifazane wasinda kusukela kulelo hora. Kwathi uJesu efika endlini yombusi, ebona abezihabhu lexuku lixokozela; Wathi kubo: Sukani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele. Bamhleka usulu. Kodwa kwathi ixuku selikhitshiwe, wangena, wayibamba ngesandla, yasivuka intombazana. Udumo lwalokhu lwanda ezweni lonke.
NgokukaMathewu 9:18-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Esakhuluma lokho kubo; kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isanda kufa khona manje, kodwa woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.” UJesu wayesesuka-ke, wamlandela, ekanye nabafundi bakhe. Kwakukhona owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, wasondela emuva kukaJesu, wathinta umphetho wengubo yakhe. Ngokuba wayezindla, ethi: “Uma nje ngingathinta ingubo yakhe, ngizakusindiswa.” UJesu waphenduka, wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Owesifazane wasinda ngaleso sikhathi. UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esethukile, wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazane ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu. Kuthe isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana. Umbiko ngalokhu wasabalala kulo lonke lelo lizwe.
NgokukaMathewu 9:18-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.” Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe. Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe. Ngokuba wayethi phakathi kwakhe: “Uma ngingathinta nje ingubo yakhe, ngizakusindiswa.” UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi. UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo, wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu. Isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana. Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona.
NgokukaMathewu 9:18-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)