NgokukaMathewu 8:1-4
NgokukaMathewu 8:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Esehlile entabeni, zamlandela izixuku eziningi. Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula. UJesu welula isandla, wamphatha, wathi: Ngiyathanda; hlambuluka. Masinyane uchoko lwakhe lwahlambuluka. UJesu wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu; kepha hamba, uziveze kumpristi, unikele umnikelo uMose ayala ngawo, kube ngubufakazi kubo.
NgokukaMathewu 8:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi lapho uJesu ehla entabeni, walandelwa yizixuku eziningi. Kwase kuza umuntu onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.” UJesu welula isandla sakhe, wamthinta, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka ngokushesha ochokweni lwakhe. UJesu wayesethi kuye: “Qaphela, ungatsheli muntu, kepha hamba uyozibonakalisa kumphristi, unikele ngomnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”
NgokukaMathewu 8:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi esehlile entabeni, zamlandela izixuku eziningi. Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.” Wayeselula isandla, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe. UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”
NgokukaMathewu 8:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)