NgokukaMathewu 6:1-2 - Compare All Versions

NgokukaMathewu 6:1-2 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini. Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.

NgokukaMathewu 6:1-2 ZUL20 (IsiZulu 2020)

“Kepha qaphelani, ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuze nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini. “Ngakho-ke nxa upha ompofu, ungashayi icilongo utshela abanye, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.

NgokukaMathewu 6:1-2 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

“Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini. “Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni* nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

NgokukaMathewu 6:1-2 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)