NgokukaMathewu 5:38-45 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
NgokukaMathewu 5:38-45 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’ Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi. Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe. “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.
NgokukaMathewu 5:38-45 ZUL20 (IsiZulu 2020)
“Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’ Kepha Mina ngithi kini: ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. Nofuna ukukumangalela, akwemuke ingubo, mnike nejazi. Nosuke ekucindezela ukuba uhambe imayela libe linye, hamba naye abe mabili. Muphe ocela utho kuwe, ungamlanduleli ofuna ukutsheleka kuwe. “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha Mina ngithi kini: thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile.
NgokukaMathewu 5:38-45 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Nizwile kwathiwa: Iso ngelihlo, nezinyo ngezinyo; Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi; Uma umuntu ethanda ukukumangalela, akuphuce ingubo yakho, myeke athathe nesambatho sakho; Noma ngubani okuphoqa ukuba uhambe imayela elilodwa hamba naye abe mabili. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe. Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele; ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile.
NgokukaMathewu 5:38-45 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)