NgokukaMathewu 5:13-14 - Compare All Versions

NgokukaMathewu 5:13-14 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu. Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala.

NgokukaMathewu 5:13-14 ZUL20 (IsiZulu 2020)

“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhiwe entabeni ungesitheke.

NgokukaMathewu 5:13-14 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.

NgokukaMathewu 5:13-14 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)