NgokukaMathewu 27:32-66

NgokukaMathewu 27:32-66 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Esaphuma, afumana indoda yaseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela ukuba athwale isiphambano sakhe. Sebefikile endaweni ethiwa yiGolgotha, okutsho ukuthi, iNdawo yoKhakhayi. Bamnika uviniga oxutshwe nenyongo ukuba anathe; Ambethela, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Babelana izingubo zami, benza inkatho yokuphosa ngesambatho sami. Bahlala phansi bamlinda khona; Babeka phezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhaliwe ukuthi: LO NGUJESU INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo. Abadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo. bethi: Wena odiliza ithempeli, ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise. Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni. Ngokunjalo labapristi abakhulu bamklolodela kanye lababhali labadala, bathi: Wasindisa abanye; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. Uma eyinkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, futhi sizomkholwa. Wathembela kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu. Labaphangi ababebethelwe kanye laye, bamluma ngokunjalo. Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Abanye kwababemi khona besizwa bathi: Lo ubiza uEliya. Wasegijima masinyane omunye kubo, wathatha uzipho, walugcwalisa ngoviniga, waluhloma emhlangeni, wamphuzisa. Abanye bathi: Yekelani, sibone ukuthi uEliya uzafika yini ukumsindisa. UJesu esephinde wamemeza ngezwi elikhulu, wawukhipha umoya. Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; Amathuna avuleka; nemizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu. Kwakukhona lapho abesifazana abanengi, bekhangele bekhatshana, ababelandele uJesu bevela eGalili, bemkhonza; phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Kwathi sekuhlwile, kweza umuntu ocebileyo wase-Arimathiya, ibizo lakhe linguJosefa, naye owayengumfundi kaJesu. yena waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba isidumbu sikhululwe. Kwathi uJosefa esesithathile isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni ehlanzekileyo. Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka. Kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behlezi malungana nethuna. Kwathi ngangomuso, olulandela usuku lokulungisela, abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu; besithi: Nkosi, siyakhumbula ukuthi umkhohlisi lowo esaphila wathi: Emva kwezinsuku ezintathu ngizavuka. Ngakho yala ukuba liqiniswe ithuna kuze kube lusuku lwesithathu, hlezi abafundi bakhe beze ebusuku, bamebe, bathi ebantwini: Uvukile kwabafileyo; UPilatu wathi kubo: Ninabalindi; Bahamba-ke, baligcina ithuna, bebeka uphawu etsheni, nabalindi.

NgokukaMathewu 27:32-66 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kuthe amabutho esaphuma lapho, ahlangana nomuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amphoqa ukuba athwale isiphambano sikaJesu. Esefike endaweni okuthiwa yiGolgotha, okusho iNdawo Yekhanda, amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo, kodwa eselinambithile, akathandanga ukuliphuza. Amabutho esembethele esiphambanweni, abelana ngezingubo zakhe, enza unkatho, ayesehlala lapho, amqapha. Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala ayethweswe lona, kubhalwe kwathiwa: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA. Kwakubethelwe kanye naye abaphangi ababili; omunye engakwesokunene, omunye engakwesokhohlo. Ababedlula bamhlambalaza, benikina amakhanda abo, bethi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise; uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni.” Kanjalo nabaphristi abakhulu nezazimthetho namalunga nabo bambhinqa, bathi: “Wasindisa abanye, kodwa akakwazi ukuzisindisa Yena. Uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni; sizakukholwa nguye. Wethembele kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ” Ngisho nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye, bamhlaza kanjalo. Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi lapho bekuzwa lokho, bathi: “Lo ubiza u-Eliya.” Omunye wabo wagijima, wathatha isiponji, wasicwilisa kuviniga, wayesesihloma emhlangeni, wamphuzisa. Kepha abanye bathi: “Myeke, sibone ukuthi u-Eliya uzakuza yini amsindise.” UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa. Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka, kwavuleka amathuna, izidumbu eziningi zabangcwele ababelele, zavuswa; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.” Kwakukhona lapho abesifazane abaningi, ababemi buqamama, bebukela: babekadebemlandela uJesu, bevela eGalile, bemkhonza. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, uJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, naye wayengumfundi kaJesu; waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wayalela ukuba anikwe sona. UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni enhle ehlanzekileyo; wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni; wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behleli phambi kwethuna. Ngakusasa, ngosuku olulandela uSuku Lokulungisela, abaphristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu, bathi: “Nkosi, siyakhumbula ukuthi lo mkhohlisi esaphila, wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu, ngizakuvuka.’ “Ngakho-ke khipha umyalo ukuba iliba liqashelwe kuze kube lusuku lwesithathu, funa abafundi bakhe bafike bamebe, bese bethi kubantu: ‘Uvusiwe kwabafileyo;’ kuthi inkohliso yokugcina igqame ngokwedlulele kuneyakuqala.” UPilatu wathi kubo: “Nampa abalindi, hambani niliqaphe njengokubona kwenu.” Base behamba, balilinda iliba; babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.

NgokukaMathewu 27:32-66 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe. Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo Yekhanda, amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo; kepha kuthe elizwa, akathandanga ukuliphuza. Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho; ahlala amlinda khona. Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwe ngokuthi: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo. Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.” Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi: “Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye. Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ” Kepha nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye bamdumaza kanjalo. Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.” Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.” UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa. Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.” Kwakukhona lapho abesifazane abaningi bebukela, bekude, ababemlandele uJesu bevela eGalile, bemkhonza; phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena, unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, owayengumfundi kaJesu naye; lo waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba anikwe sona. UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu enhle ehlanzekileyo, wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya behlezi phambi kweliba. Kepha ngangomuso okungolulandela usuku lokulungisela abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu, bathi: “Nkosi, sikhumbula ukuthi lowo mkhohlisi esekhona wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu ngizakuvuka.’ Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: ‘Uvukile kwabafileyo;’ kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.” UPilatu wathi kubo: “Nampa abalindi; hambani niligcine njengokubona kwenu.” Base behamba, baligcina iliba, babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.

NgokukaMathewu 27:32-66 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Esaphuma, afumana indoda yaseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela ukuba athwale isiphambano sakhe. Sebefikile endaweni ethiwa yiGolgotha, okutsho ukuthi, iNdawo yoKhakhayi. Bamnika uviniga oxutshwe nenyongo ukuba anathe; Ambethela, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Babelana izingubo zami, benza inkatho yokuphosa ngesambatho sami. Bahlala phansi bamlinda khona; Babeka phezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhaliwe ukuthi: LO NGUJESU INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo. Abadlulayo bamthuka, benikina amakhanda abo. Bethi: Wena odiliza ithempeli, ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise. Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni. Ngokunjalo labapristi abakhulu bamklolodela kanye lababhali labadala, bathi: Wasindisa abanye; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. Uma eyinkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, futhi sizomkholwa. Wathembela kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu. Labaphangi ababebethelwe kanye laye, bamluma ngokunjalo. Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Abanye kwababemi khona besizwa bathi: Lo ubiza uEliya. Wasegijima masinyane omunye kubo, wathatha uzipho, walugcwalisa ngoviniga, waluhloma emhlangeni, wamphuzisa. Abanye bathi: Yekelani, sibone ukuthi uEliya uzafika yini ukumsindisa. UJesu esephinde wamemeza ngezwi elikhulu, wawukhipha umoya. Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; Amathuna avuleka; nemizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi. Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu. Kwakukhona lapho abesifazana abanengi, bekhangele bekhatshana, ababelandele uJesu bevela eGalili, bemkhonza; phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Kwathi sekuhlwile, kweza umuntu ocebileyo wase-Arimathiya, ibizo lakhe linguJosefa, naye owayengumfundi kaJesu. Yena waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba isidumbu sikhululwe. Kwathi uJosefa esesithathile isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni ehlanzekileyo. Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka. Kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behlezi malungana nethuna. Kwathi ngangomuso, olulandela usuku lokulungisela, abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu; besithi: Nkosi, siyakhumbula ukuthi umkhohlisi lowo esaphila wathi: Emva kwezinsuku ezintathu ngizavuka. Ngakho yala ukuba liqiniswe ithuna kuze kube lusuku lwesithathu, hlezi abafundi bakhe beze ebusuku, bamebe, bathi ebantwini: Uvukile kwabafileyo; UPilatu wathi kubo: Ninabalindi; Bahamba-ke, baligcina ithuna, bebeka uphawu etsheni, nabalindi.