NgokukaMathewu 26:26-44
NgokukaMathewu 26:26-44 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi, wathi: Thathani, lidle; lokhu kungumzimba wami. Wasethatha inkezo, wabonga, wabanika, esithi: Selani kuyo lonke; Ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba. Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo. Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke. Kodwa emva kokuvuka kwami, ngizanandulela ukuya eGalili. UPetro waphendula wathi kuye: Lanxa bonke bezakukhubeka ngawe, mina kangisoze ngikhubeke. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu. UPetro wathi kuye: Lanxa ngingafa lawe, kangisoze ngikuphike. Basho kanjalo bonke abafundi. Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya. Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami. Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, makudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena. Wasesiza kubafundi, wabafica belele, wathi kuPetro: Kanti beningelinde lami ihola elilodwa yini? Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka. Wabuye wahamba ngokwesibili, wakhuleka, wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzi, mayenziwe intando yakho. Wasebuya wabafica belele, ngoba amehlo abo ayenzima. Wabashiya, wabuye wahamba, wakhuleka ngokwesithathu, esho wona lawo mazwi.
NgokukaMathewu 26:26-44 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thathani nidle, lokhu kungumzimba wami.” Wayesethatha indebe, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani kuyo, nina nonke; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi ukuze kuthethelelwe izono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayukuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani, sisisha, embusweni kaBaba.” Sebehlabelele iculo lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo. UJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke,’ kodwa emva kokuba sengivusiwe ngiyakunandulela ukuya eGalile.” UPhethro waphendula, wathi kuye: “Noma bonke bangakuhlamuka, mina angisoze ngakushiya.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: ngalobu busuku, ngaphambi kokuba iqhude likhale, uzakungiphika kathathu.” UPhethro wathi kuye: “Noma ngabe kufanele ukuba ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Bonke abafundi basho kanjalo. UJesu wafika nabo endaweni okuthiwa yiGetsemane, wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisayokhuleka laphaya.” Wathatha uPhethro namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu, kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.” Waqhubeka ibangana, wawa ngobuso, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, mayedlule kimi le ndebe, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kube njengokuba uthanda wena.” Wabuyela kubafundi, wabafica belele, wathi kuPhethro: “Kodwa beningehlale nilinde nami ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kodwa umzimba ubuthakathaka.” Wabuye wahamba okwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma le ndebe ingenakudlula kimi ngingakayiphuzi, mayenziwe intando yakho.” Wabuyela kubo futhi, wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayegcwele ubuthongo. Wabuye wabashiya, wayokhuleka ngokwesithathu elokhu esho lona lelo lizwi.
NgokukaMathewu 26:26-44 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.” Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.” Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo. Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke’; kodwa emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.” UPetru waphendula, wathi kuye: “Noma bonke beyakukhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu.” UPetru wayesethi kuye: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo nabafundi bonke. Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.” Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.” Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” Wayeseza kubafundi, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Kanti beningelinde nami ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.” Wabuye waya ngokwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.” Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima. Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi.
NgokukaMathewu 26:26-44 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)