NgokukaMathewu 22:1-14
NgokukaMathewu 22:1-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu waphinda wakhuluma kubo ngemifanekiso, wathi. Umbuso wezulu ufana nenkosi ethile, eyayenzela indodana yayo umshado; Wathuma izinceku zakhe ukuba zibize abamenyiweyo emtshadweni, kepha abavumanga ukuza. Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Tshelani abamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile isidlo sami, izinkabi zami nokukhuluphalisiweyo sekuhlatshiwe, konke sekulungisiwe; Kodwa kabananzanga, basuka, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. Abaseleyo bazibamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala. Kodwa inkosi yathukuthela yathukuthela, yasithuma amabutho ayo, abhubhisa labobabulali, atshisa umuzi wabo. Khona yathi ezincekwini zayo: “Umshado usulungile, kepha abamenyiweyo bebengafanele. Ngakho hambani niye ezindleleni, nibizele emshadweni bonke eningabafumana; Lezozinceku zaphuma zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; umshado wagcwala abahlezi ekudleni. Kwathi inkosi ingena ukukhangela ababehlezi ekudleni, yabona khona umuntu owayeyembethe isembatho somtshado. Wasesithi kuye: Mngane, ungene njani lapha ungelasembatho somtshado? Wathula wathula. Inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimkhiphe, nimkhiphe ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.
NgokukaMathewu 22:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wabuye wakhuluma kubo ngemizekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. Wathumela izinceku zakhe ukuba ziyobiza labo ababemenyiwe emshadweni, kodwa abavumanga ukuza. “Wabuye wathumela ezinye izinceku, wathi: ‘Tshelani abamenyiweyo, nithi: sengilungise ukudla kwami; izinkabi zami nezinkomo zami ezikhulupheleyo sezihlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’ ” “Kepha bakushaya indiva lokho, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya lapho ayethengisela khona. Abaseleyo bazibamba izinceku zakhe, bazihlukumeza, bazibulala. Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo. “Yayisithi ezincekwini zayo: ‘Idili lomshado selilungisiwe, kepha ababemenyiwe bebengafanele, ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zemigwaqo, nimeme noma yimuphi enimtholayo ukuba eze emshadweni.’ “Lezo zinceku zaphuma, zaya emigwaqweni, zaqoqa bonke ezabafumanayo, ababi nabahle. Indlu yomshado yagcwala phama ababemenyiwe. “Inkosi isingenile ukuzobona izimenywa ezazihleli etafuleni, yabona khona umuntu owayengayembethe ingubo yomshado. Yathi kuye: ‘Mngani, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha akaphendulanga. “Ngakho-ke inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse phandle ebumnyameni, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’ “Ngokuba baningi ababiziweyo, kodwa bayingcosana abakhethiweyo.”
NgokukaMathewu 22:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza. “Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’ “Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala. Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo. “Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele; ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.’ Lezo zinceku zaphuma, zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni. “Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado; yathi kuye: ‘Mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha wathula. “Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’ “Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.”
NgokukaMathewu 22:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)