NgokukaMathewu 21:1-22

NgokukaMathewu 21:1-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi sebesondele eJerusalema, sebefikile eBetfage, entabeni yeMihlwathi, uJesu wathuma abafundi ababili, Wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe, nethole linayo; Uma umuntu esho utho kini, anothi: INkosi iyazidinga; njalo uzahle azithumele. Konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo; Abafundi basebehamba benza njengokulaywa kukaJesu. Baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, bamhlalisa phezu kwazo. Isixuku esikhulu kakhulu sendlala izingubo zaso endleleni; abanye bagawula amagatsha emithini, bawandlala endleleni. Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu. Esengenile eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, uthi: “Ngubani lo na? Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi uJesu waseNazaretha laseGalile. UJesu wangena ethempelini likaNkulunkulu, waxosha bonke ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wasesithi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka; kepha nina niyenze umhume wabaphangi. Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini; wasebasilisa. Kwathi abapristi abakhulu nababhali bebona izimangaliso azenzayo, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! babethukuthele kakhulu, Bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo; anikaze nifunde ukuthi: Emlonyeni wezingane nabasancela uphelelisile ukudumisa na? Wabashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya; walala khona. Kwathi ebuyela emzini ekuseni, walamba. Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane. Sebekubona lokho abafundi bakhe bamangala, bathi: “Umkhiwane ubune masinyane kangakanani na? UJesu waphendula wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uba lilokholo, lingathandabuzi, kaliyikwenza lokhu emkhiwaneni kuphela, kodwa loba lisithi kulentaba: Suka; uphonseke elwandle; kuyakwenziwa. Nakho konke eniyakukucela ngokukhuleka nikholwa, niyakwamukeliswa.

NgokukaMathewu 21:1-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi sebesondele eJerusalema, sebefike eBhethifage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni oqondene nani; nxa nifika nizakufumana imbongolo ikhulekiwe nethole linayo. Zithukululeni nizilethe kimi. Uma kukhona umuntu osho utho kini, niyakuthi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzibuyisa ngokushesha.” Lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngomphrofethi ukuthi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe ithobekile, igibele embongolweni; yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.” Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile. Bayiletha imbongolo nethole, base bebeka izingubo zabo phezu kwazo, uJesu wayesehlala phezu kwezingubo. Isixuku esikhulu sendlala izingubo zaso endleleni, abanye bagawula amagatsha emithi, bawendlala endleleni. Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zazimemeza zithi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiswe ozayo egameni leNkosi. Hosana kweliphezulu!” Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, uthi: “Ngubani lo na?” Izixuku zazithi: “Lo ngumphrofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.” UJesu wangena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbukuqela amatafula abashintshisa ngemali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza umhume wabaphangi.” Kwase kufika kuye izimpumputhe, nezinyonga esesethempelini, waziphulukisa. Kepha abaphristi abakhulu nezazimthetho, sebezibonile izimangaliso ayezenza, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka, bathi kuye: “Uyakuzwa yini lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anifundanga yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo, uzilungisele indumiso’ na?” Wahamba, waphuma emzini, waya eBhethaniya, walala ubusuku lapho. Kepha ekuseni, ekhuphukela emzini, walamba. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo, ngaphandle kwamaqabunga kuphela. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi. Bekubona lokho abafundi bamangala, bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane kanje na?” UJesu wabaphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma nikholwa ningangabazi, aniyukwenza kuphela lokhu okwenzeke emkhiwaneni, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Zimbuka, uphonseke olwandle,’ lokho kuyakwenzeka. Konke eniyakukucela emkhulekweni, nikholwa, niyakukwamukeliswa.”

NgokukaMathewu 21:1-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi. Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.” Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.” Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile, baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo. Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni. Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!” Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?” Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.” UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ” Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa. Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka, bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?” Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona. Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba. Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho. Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?” UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka; nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”

NgokukaMathewu 21:1-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)