NgokukaMathewu 20:20-22
NgokukaMathewu 20:20-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwase kufika kuye unina wamadodana kaZebedewu namadodana akhe, wakhuleka, ecela into kuye. Wathi kuye: “Ufunani na? Wathi kuye: Vumela lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, nenye ngakwesokhohlo, embusweni wakho. Kodwa uJesu waphendula wathi: Kalikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuyiphuza indebe engizoyiphuza mina, futhi nibhapathizwe ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo na? Bathi kuye: Singakwenza.
NgokukaMathewu 20:20-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kuza kuye unina wamadodana kaZebedewu namadodana akhe. Wakhuleka, wayesecela okuthile kuye. UJesu wathi kuye: “Ufunani na?” Wathi kuJesu: “Yisho ukuthi lawa madodana ami amabili ayakuhlala, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho, embusweni wakho.” UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singasiphuza.”
NgokukaMathewu 20:20-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye. Yena wathi kuye: “Ufunani na?” Wathi kuye: “Yisho ukuba lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.” UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singakwenza.”
NgokukaMathewu 20:20-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)