NgokukaMathewu 19:1-9
NgokukaMathewu 19:1-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani; Kwamlandela izixuku eziningi; wabaphulukisa khona. AbaFarisi beza kuye bemlinga, bathi kuye: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo nganoma yisiphi isizathu? Waphendula wathi kubo: Anifundanga yini ukuthi owabadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, na? Wathi: Ngenxa yalokhu indoda izatshiya uyise lonina, inamathele kumkayo, labo ababili bazakuba nyamanye? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungahlukaniswa muntu. Basebesithi kuye: Pho, uMozisi walayelani ukunika incwadi yesehlukaniso, lokumala? Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwala omkenu, kepha kwasekuqaleni kwakungenjalo. Nami ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga
NgokukaMathewu 19:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi uJesu eseqedile ukukhuluma lawo mazwi, wasuka eGalile, waya emingceleni eJudiya, phesheya kweJordani. Izixuku ezinkulu zamlandela, waziphulukisa. Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?” Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wayesethi: ‘Ngenxa yalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo: labo ababili bayakuba nyamanye’ na? Ngalokho-ke abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungehlukaniswa muntu.” Bathi kuye: “Pho uMose wayalelani ukuba akanikwe incwadi yesehlukaniso, alahlwe na?” UJesu wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu, uMose wanivumela ukuba nehlukane nabo omkenu, kodwa-ke kwakungenjalo kusukela ekuqaleni. Namanje ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, bese eganwa ngomunye, uyaphinga. Nalowo oganwa ngolahliweyo uyaphinga.”
NgokukaMathewu 19:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani. Izixuku ezinkulu zamlandela, waziphulukisa khona. Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?” Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na? Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.” Bathi kuye: “Pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?” Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo. Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.”
NgokukaMathewu 19:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)