NgokukaMathewu 17:1-9
NgokukaMathewu 17:1-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa. Waseguqulwa isimo phambi kwabo, ubuso bakhe bakhazimula njengelanga, nezingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya. Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye. Wayesephendula uPetru, wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya. Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni. Kwathi abafundi bekuzwa, bawa ngobuso, besaba kakhulu. Wasondela uJesu, wabathinta, wathi: Sukumani ningesabi. Sebephakamisa amehlo abo, ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa. Sebehla entabeni, uJesu wabayala, wathi: “Ningatsheli muntu umbono, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu.
NgokukaMathewu 17:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Sekwedlule izinsuku eziyisithupha, uJesu wathatha uPhethro, uJakobe, noJohane umfowabo, wenyukela nabo entabeni ende, bebodwa. Waphenduka esinye isimo bezibonela ngawabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya. Bheka, base bebona uMose no-Eliya bekhuluma naye. UPhethro wayesethi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba sibe lapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye kube ngelakho, elinye kube ngelikaMose, nelinye kube ngelika-Eliya.” Esakhuluma, kwafika ifu elikhanyayo labemboza, kwezwakala izwi livela efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo; yilaleleni.” Kuthe lapho bekuzwa lokho abafundi, bathi mbo ngobuso phansi, ngokuba babethukile kakhulu. Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.” Kwathi lapho bephakamisa amehlo abo, ababona muntu, ngaphandle kukaJesu kuphela. Sebehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningalokothi nitshele muntu ngalo mbono, ize ivuswe kwabafileyo, iNdodana yomuntu.”
NgokukaMathewu 17:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa. Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya. Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye. Wathatha uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.” Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.” Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu. Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.” Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa. Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.”
NgokukaMathewu 17:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)