NgokukaMathewu 14:22-23 - Compare All Versions

NgokukaMathewu 14:22-23 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Khona masinyane uJesu wacindezela abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, yena esamukisa izixuku. Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile wayeyedwa lapho.

NgokukaMathewu 14:22-23 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Wabacindezela abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni masinyane, bamendulele, baye ngaphesheya, ukuze ahlakaze izixuku. Esezihlakazile, wenyukela entabeni eyedwa eyokhuleka; kwasekuhlwile, futhi eyedwa lapho.

NgokukaMathewu 14:22-23 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku. Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho.

NgokukaMathewu 14:22-23 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)