NgokukaMathewu 14:1-21 - Compare All Versions

NgokukaMathewu 14:1-21 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Ngalesosikhathi uHerodi umtetrarki wezwa indumela kaJesu. Wasesithi ezincekwini zakhe: Lo nguJohane uMbhabhathizi; uvukile kwabafileyo; ngakho-ke imisebenzi yamandla iyabonakala kuye. Ngokuba uHerode wayembambile uJohane, wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo. Ngokuba uJohane wathi kuye: “Awuvunyelwe ukuba ube naye. Kwathi esefuna ukumbulala, wesaba isixuku, ngokuba babethi ungumprofethi. Kwathi sekugujwa usuku lokuzalwa kukaHerodi, indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamthokozisa uHerodi. Wasethembisa ngesifungo ukuyinika loba yini engayikucela. Yayisiyaliwe ngunina yathi: Nginike lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi. Inkosi yadabuka, nokho ngenxa yesifungo nangalabo ababehlezi nayo ekudleni yayala ukuba inikwe. Wasethuma wamquma uJohane ikhanda entolongweni. Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana, yaliyisa kunina. Kwafika abafundi bakhe, basithatha isidumbu, basimbela; bahamba babikela uJesu. UJesu esekuzwile lokho wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kwathi izixuku zikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. UJesu esephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo. Kwathi sekuhlwile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; yekela izixuku zihambe, ukuze ziye emizaneni, zizithengele ukudla. Kepha uJesu wathi kubo: “Akudingeki ukuba bamuke; bapheni nina ukudla. Bathi kuye: Sinazo lapha kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili. Wathi: Ziletheni lapha kimi. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele. Lababedlile kwakungamadoda angathi izinkulungwane ezinhlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.

NgokukaMathewu 14:1-21 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngaleso sikhathi uHerode, uMthethraki, wezwa kubikwa ngoJesu, waseyesethi ezincekwini zakhe: “Lo nguJohane uMbhabhadisi, uvukile kwabafileyo, yingakho-ke lawa mandla esebenza kuye nje.” Ngokuba nguye uHerode owayebambe uJohane, wamfaka ejele ngenxa kaHerodiya, umkaFiliphu, umfowabo. Lokhu uJohane wayesho kuye ukuthi: “Awuvunyelwe ukuba umthathe.” Kwathi nakuba ayefuna ukumbulala, kodwa wesaba abantu ngokuba babethi ungumphrofethi. Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode, indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode, wayeseyethembisa ngokufunga ukuthi uyakuyinika lokho eyakukucela. Kuthe eseyicebisile unina, yathi: “Ngiphe ngoqwembe ikhanda likaJohane, uMbhabhadisi.” Lokho kwayephula umoya inkosi, kepha ngenxa yezifungo eyayizenzile, nangenxa yababehleli nayo esidlweni, yayaleza ukuba inikwe. Yathumela, yamnquma uJohane ikhanda ejele. Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazane; yayisilinika unina. Kwafika abafundi bakaJohane basithatha isidumbu sakhe, basimbela, base beyobikela uJesu. Kwathi uJesu esekuzwile lokho, wasuka lapho ngesikebhe waya endaweni eyihlane, yedwa. Zithe ukuba izixuku zikuzwe lokho, zamlandela ngezinyawo, ziphuma emizini. Waphuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo. Kuthe selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane futhi nelanga selizilahle kunina; tshela izixuku zihambe ziye emizaneni, ziyozithengela ukudla.” Kepha uJesu wathi kubo: “Akudingekile ukuba bahambe; bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Asinalutho lapha, kuphela izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili.” Wayesethi: “Kuletheni lapha kimi.” Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi otshanini, wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wakubusisa, wakuhlephula, wakunika abafundi, baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eyayisele, yagcwala iziqabetho ezili-12. Labo abadlayo kwakungamadoda abalelwa ezi-5 000, ngaphandle kwabesifazane nezingane.

NgokukaMathewu 14:1-21 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngaleso sikhathi uHerode umtetrarki* waluzwa udumo lukaJesu, waze wathi ezincekwini zakhe: “Lo nguJohane uMbhapathizi; yena uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.” Ngokuba uHerode wayembambile uJohane, wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, lokhu uJohane wayethe kuye: “Awuvunyelwe ube naye.” Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi. Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode, kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela. Yona isifundisiwe ngunina yathi: “Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.” Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe, yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni. Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina. Kwafika abafundi bakhe, bathabatha isidumbu, basimbela; baya bambikela uJesu. Wathi uJesu esekuzwile lokho, wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo. Selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; mukisa izixuku ukuba ziye emizaneni, zizithengele ukudla.” Kepha uJesu wathi kubo: “Akuswelekile ukuba bamuke; bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Asinalutho lapha, kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili.” Wayesethi: “Ziletheni lapha kimi.” Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele. Kepha abadlayo kwakungathi amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.

NgokukaMathewu 14:1-21 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)