NgokukaMathewu 13:37-43 - Compare All Versions

NgokukaMathewu 13:37-43 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Wasephendula wathi kubo: Ohlanyela inhlanyelo enhle yiNdodana yomuntu; Insimu ngumhlaba; imbewu enhle ngabantwana bombuso; kodwa ukhula lungabantwana bomubi; Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi. Ngakho njengalokhu ukhula luyabuthwa lushiswe emlilweni; kuyakuba njalo ekupheleni kwalelizwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo, nabenza okubi; zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo. Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe zokuzwa makezwe.

NgokukaMathewu 13:37-43 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Wayesebaphendula, ethi: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu. Insimu yizwe, imbewu enhle yilabo abangabantwana bombuso; ukhula ngabantwana bomubi. Kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane, ukuvuna kungukuphela kwesikhathi, abavuni yizingelosi. Ngakho-ke njengalokhu ukhula lubuthwa lushiswe emlilweni, kuyakuba kanjalo ekupheleni kwezwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. Kepha abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise. Onezindlebe makezwe.

NgokukaMathewu 13:37-43 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Wayesephendula, ethi kubo: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu; insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi; kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi. Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe.

NgokukaMathewu 13:37-43 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)