NgokukaMathewu 12:22-28
NgokukaMathewu 12:22-28 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe nesimungulu; wamphulukisa, kwaze kwakhuluma, wabona nempumputhe nesimungulu. Bamangala bonke abantu, bathi: “Lo akasiyo indodana kaDavide na? Kodwa abaFarisi bekuzwa bathi: Lo kakhiphi amadimoni, kuphela ngoBelezebule umbusi wamadimoni. UJesu eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowombuso owehlukene phakathi uyachitheka; futhi wonke umuzi noma indlu eyehlukene yodwa ayiyikuma. Uma uSathane ekhipha uSathane, uhlukene yedwa; pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, abantwana benu bawakhipha ngobani na? ngalokho bayakuba ngabahluleli benu. Kepha uma ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.
NgokukaMathewu 12:22-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kulethwa kuye onamadimoni, eyimpumputhe futhi eyisimungulu; wamphulukisa, waze wabona, wakhuluma lo obeyisimungulu. Zonke izixuku zamangala kakhulu, zathi: “Lo akusiyo yini indodana kaDavide na?” AbaFarisi bekuzwa lokhu, bathi: “Lo ukhipha amadimoni kuphela ngombusi wamadimoni, uBhelzebhule.” UJesu ekwazi abakucabangayo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa uyachitheka, nalowo nalowo muzi noma yindlu eyehlukene yodwa ayiyukuma. Uma uSathane ekhipha uSathane, kusho ukuthi wehlukene yedwa. Pho umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Uma Mina ngikhipha amadimoni ngoBhelzebhule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngakho-ke yiwona ayakuba ngabehluleli benu. Kepha uma Mina ngikhipha amadimoni ngoMoya kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.
NgokukaMathewu 12:22-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona. Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?” Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.” Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme. Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu. Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.
NgokukaMathewu 12:22-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)