UMalaki 3:8-10
UMalaki 3:8-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Umuntu angamqola yini uNkulunkulu na? Nokho niyangiqola. “Bese nibuza nithi: ‘Sikuqole kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo. Niqalekisiwe ngesiqalekiso, niyangiqola sizwe ngothi lwenu. Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.
UMalaki 3:8-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga. “Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo. Niqalekisiwe ngesiqalekiso, nokho niyangiphanga, sizwe sonke. Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.
UMalaki 3:8-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho wangiphanga. Kodwa nithi: “Sikuphange ngani na? Kweshumi neminikelo. Niqalekisiwe ngesiqalekiso, ngokuba ningiphangile, yebo, lesi sizwe sonke. Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube khona ukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu, usho uJehova Sebawoti, uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, ngininike isibusiso, ningathululi. Ngaphandle, ukuthi ngeke kube khona indawo eyanele yokuyithola.